UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, izolo ukhiphe izibalo ezishaqisayo wathi iNingimu Afrika isibalwa namazwe amahlanu emhlabeni wonke ahamba phambili ngabantu abangenwa yigciwane leCorona usuku nosuku.
Esithangamini nabezindaba izolo lapho kade ecacisa khona mayelana nenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ngeSonto, uDkt Dlamini Zuma uthe zonke izinyathelo abazithathayo bazenza ngoba befuna izwe lingabhubhi.
“Emhlabeni ngokobuningi babantu iNingizimu Afrika iwunombolo 25 kodwa ngokwegciwane sesingunombolo 10 ngezibalo zabantu asebenayo iCorona kodwa uma siya ngezinombolo zabantu abangenwa yigciwane usuku nosuku sibalwa namazwe amahlanu aphezulu,” kusho uDlamini Zuma.
Uthe akekho umuntu ophephile.
“Empeleni igciwane alihambi kodwa ukuzulazula kwabantu okwenza libhebhetheke.
“Ziningi izinto ezenza igciwane libhebhetheke njengokuthi nje uma sihlangene siphuza utshwala, asizifaki izifonyo ngoba enye into eqoqa abantu wutshwala. Lapho kukhona khona utshwala abantu bayagcwala bese kuqala inkathazo kube yisiphithiphithi. Uma sebehamba lapho kade behlangene khona sebedakiwe, sebengena ezimotweni zabo, abanye bagcina beshayela umathanda balimale, balimaze nabanye abantu abangenacala kube nezimo eziphuthumayo bese kudingeka odokotela bayeke iziguli zeCorona banake abantu abangene ezibhedlela ngenxa yotshwala.”
Uthe yingakho benqume ukumisa ukudayiswa kotshwala.
“Awekho amasosha aya empini edakiwe, asuke ezolwa kanjani. Sonke singamasosha manje njengoba silwa nempi.”
Uthe utshwala ngeke buvalwe ingunaphakade kodwa buzobuye buvulwe uma sekuphele igciwane.
Enye into athe ibhebhethekisa igciwane ukuhamba kwabantu.
“Yingakho sesithi kusukela ngo-9 ebusuku kuya ku-4 ekuseni akufuneki muntu ozolokhu ehamba ngaphandle kwalabo abazobe benezimvume.”
Kuyabakhathaza ukuthi nsuku zonke kungcwatshwa abantu ababulewe yiCorona.
“Nanamhlanje (izolo) sivuke ngezindaba ezibuhlungu zokwedlula emhlabeni kukaNksz Zindzi Mandela, enye yamadodokazi kamengameli wokuqala wentando yeningi, uDkt Nelson Mandela.”
Unxuse abantu ukuthi bahlale befake izifonyo ukuze bazivikele babuye bavikele nabanye abaseduze kwabo.
Yonke imibandela abayibekile bazoyidlulisela emphakathini ukuze ibeke imibono ngayo.
NoNgqongqoshe wezokuHlumelelisa iziMilo noBulungiswa, uMnuz Ronald Lamola, uhambe emazwini kaDlamini Zuma evikela isinqumo sokuhoxisa ukudayiswa kotshwala wathi izibalo ziveza ukuthi uMnyango wezeMpilo ubuzoba nenkinga yokukwazi ukumumatha abantu abaneCorona ukube ukudayiswa kotshwala akumiswanga.
ULamola uthe okwamanje ayikho inhlawulo noma isigwebo esinikwa umuntu ozobanjwa engasigqokile isifonyo.
“Lolu daba sisaluxoxa kodwa sizogcina siphoqeleka ukuthi sikwenze icala ukungagqokwa kwezifonyo,” kusho uLamola.