LUZOHLALELWA wumkhandlu unqume ngalo udaba lwesikhulu sikaMasipala wesifunda iZululand okuvele ukuthi asinazo iziqu ezifanele. Umthombo weSolezwe osondelene nodaba ulipotshozele ukuthi namuhla kuzohlala imihlangano emibili ngalolu daba.
“Kuzohlala umhlangano wesigungu esilawula umasipala bese kuhlala umkhandlu wamakhansela wonke kuxoxwe ngalolu daba. Kunencwadi evela kuhulumeni wesifundazwe ekhuluma ngokuthi akanazo iziqu ezifanele futhi umasipala kufanele uthathe izinyathelo,’’ kusho umthombo.
Kuthiwa isidumo sisuswe yincwadi yoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni ethi kufanele lusukunyelwe udaba.
Isolezwe liyibonile incwadi okuthiwa yiyona edale ukuthi kuhlaliswe umhlangano ukuze umkhandlu ulungise lolu daba ngokomyalelo kahulumeni. Incwadi ikhomba ukuthi udaba kade lwaqala ukusetshenzwa kubhalelwana phakathi komnyango nomasipala.
Umnyango encwadini ukhala ngokuthi isikhulu asinayo iBachelors Degree njengokomyalelo, iphinde iveze ukuthi akanaso isipiliyoni esifanele ngoba leso asivezayo asihambisani nomsebenzi awuqashelwe.
Umnyango ulibeka ngembaba elokuthi umasipala akufanele uholele umuntu ongakulungele ukuba kulesi sikhundla. Incwadi ibe isishiyela ezandleni zomkhandlu ukuthi ulungise lolu daba.
Umthombo uthe lesi sikhulu, esingeke sidalulwe, saqashwa ngesikhathi kusabusa elinye iqembu kudala njengoba kuvela ukuthi akuhanjiswanga ngendlela. Kuthiwa yisikhulu esiphethe isikhundla esiphezulu nesihloniphekile impela.
IMeya kaMasipala, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, ayivumanga futhi ayiphikanga kodwa ithe icela kube yimenenja kamasipala ephawulayo. Imenenja ishayelwe ucingo kaningi yangalubamba, kwala ngisho ithunyelelwa umyalezo yangawuphendula.
AboMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal bathe basabheka imininingwane ngalolu daba.