ISILO siwukhomba ekhaya umkhuba ngowesifazane owavinjwa amaphoyisa ezama ukungena esiteji lapho kwakuhleli khona uNdunankulu Thami Ntuli, noMengameli Cyril Ramaphosa emcimbini wokwembulwa komfuziselo weLembe esikhumulweni sezindiza, iKing Shaka International Airport.
Siphefumula ngoMgqibelo ngesikhathi kunomkhuleko wamaNazaretha esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma, iSilo sigagule isibongo sowesifazane sathi kodwa uthunywe abakwabo abaphikisa ukuhlala kwaso esihlalweni.
ISilo sithe lo wesifazane owakwaNgcobo futhi siyamazi kodwa asikaze sibe nabudlelwane naye njengoba bekunokungundaza okunjalo.
“Kuningi okukhulunywe abantu kulezi zinkundla zokuxhumana ngalesi sigameko. Bakwethu akusiyona intombi yami, bakwazelaphi ukuthi eyami? Kubuhlungu-ke lokho. Mina ngiyinkosi yeqiniso, yikho kuthiwa ngiwumlomo ongathethi manga. Intombazane ngiyayazi kodwa akusiyo intombi yami, yona ngiyayazi, ngazi ngisho usizi lwayo.”
Sithe yeza emcimbini ngoba izoziphosa enkosini yayo njengoba ifuna usizo nokungenye yezinto okumele azenze njengomholi.
“Ngizonisiza ngoba ngiyinkosi yesizwe, ingaphansi kwami njengoba ingeyakwaNgcobo. Ngizokhuluma nenkosi yamaQadi ukuze isizakale le ngane ngoba isenkingeni, kodwa ngeke ngizikhulume izinkinga zayo ngoba lokho akulungile. Engizokusho ukuthi kubuhlungu lokhu okwenzeka ngaloluya suku njengoba kwenziwa yilaba balapha ekhaya engizalwa nabo, abaphikisa indaba yeSihlalo, intombi yabo-ke le.”
Indlulamithi iveze ukuthi lolu daba bazolusebenza njengoba efuna kuphume lonke iqiniso linjengoba linjalo. Ithe okwenza akhulume ngalolu daba yize bebengezele lona, ukuthi wonke umuntu ukhuluma akuthandayo ngalo.
Okhulumela inkosi yamaQadi, uMnuz Skwa Ngcobo, uthe abamazi owesifazane kodwa bazolusukumela udaba lwakhe.
“Ngeke silinde iSilo size kithi ukuze sisukumele udaba lowesifazane, thina okwethu njengoba sekuphume izwi ukuthi simfune size simthole ukuze athole usizo.”
Uthe ngoba iSilo sishilo ukuthi siyamazi, bazohlangana naso ngokushesha ukuze kuvele ukuthi kwenzekani.
Okhulumela amaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uveze ukuthi akwaziyo ukuthi owesifazane uhamba inkonzo yomama njengoba esenomtwana.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi uyiNazaretha lakuliphi ithempeli, kodwa umyalezo esingawukhipha ukuthi uma kukhona abakhokheli abamaziyo, abahlale naye phansi bakhulume bamyale ngendlela yokuziphatha kwabesifazane abangamaNazaretha,” kuchaza yena.