UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe izigebengu zizophelelwa ngamahlathi kuleli ngoba ngeke besazibekezelela.
URamaphosa ukhulume kanje ngesikhathi uMasipala waseCape Town nohulumeni waseWestern Cape besayina isivumelwano sokwandisa isibalo samaphoyisa ukulwa nobugebengu kulesi sifundazwe.
URamaphosa uthe abantu bakuleli bakhathele ukuhamba bethuka izanya ngenxa yezigebengu ezigcweleza umphakathi.
Uthe lesi sivumelwano siqinisekisa ukuthi ubugebengu sebumi emphinjeni ebantwini baseNingizimu Afrika.
URamaphosa uthe inhlanzi izoshelwa ngamanzi kwi-construction mafia ngoba osomabhizinisi sebekhathele ukuhlukunyezwa.
“Amaphoyisa ezingeni likazwelonke asembhidlangweni wokwenza imigwaqo iphephe.”
Esephetha uthe baqhamuke namaqhinga ezobuchwepheshe abangangabazi ukuthi azosiza nasekutheni kuhlakazwe nobugebengu obusahlelwa.