ZIZOBHEKWA ngelokhozi wuMnyango wezaManzi neNhlanzeko izinkinga zamanzi eThekwini njengoba uMqondisi Jikelele walo mnyango, uDkt Sean Phillips, ethe kunezinhlelo ezinqala zokuqinisekisa ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile.
UPhillips uthe njalo kuzoba nombiko oshoyo ukuthi sekwenziwe umsebenzi ongakanani ekulungisweni kwengqalasizinda nasekuxazululeni izinkinga zamanzi ezikhona njengamanje.
UMngeni-uThukela Water, uthumela amanzi enele eThekwini kodwa inkinga wukuthi maningi amanzi amoshekayo ngenxa yokuvuza kwamapayipi nokuthi sebebaningi kakhulu abadinga amanzi kuleli dolobha.
”Ukuqinisekisa ukuthi abantu banamanzi enele, sinyuse udonga lwedamu iHazelmere eliqedwe ngonyaka odlule. Lo msebenzi udle uR820 million. Kuza nohlelo oluzoletha amanzi kubantu abahlala eNingizimu neTheku olubizwa ngoMkhomazi Water Project oluzosebenza ngo-2030. Ngesikhathi sisalinde uMkhomazi Water Project, siyalele iTheku ukuthi lilungise indaba yokuvuza kwamanzi,” kusho uPhillips.
Uthe uMasipala weTheku uzomba amanzi ngaphansi komhlaba, ukhuculule lawo asesebenzile ukuze alungele ukusetshenziswa kabusha, ubuye ukhuculule awolwandle nawo ukuze alungele ukusetshenziswa ngabantu.
ITheku selakhe izinqolobane zamanzi eziwu-12 ezidle uR500 million kule minyaka emibili edlule.
UPhillips uthule uhlu lwezinhlelo ezizokwenzeka okubalwa olokubheka amanzi avuzayo oluzohlale luqhubeka ukuze ezoshesha alungiswe amapayipi avuzayo. Lolu hlelo oluzobheka ingqalasizinda yamanzi evuzayo ngobuchwepheshe besimanje luzoqala ukusebenza ngo-Ephreli.
Umasipala uzofaka ama-valve awu-108 azohlela ukuhamba kwamanzi, azolekelela lawo awu-3 000 asebenzayo. Lo msebenzi uzoqala ngoMashi.
Kuzobuye kufakwe amamitha amanzi amasha kulawo angasebenzi kahle, kube nobuchwepheshe bokufunda amamitha. Kuthiwa lolu hlelo luqale ngoNovemba nyakenye.
Umasipala uzogasela kuzo zonke izindawo ukubheka abeba amanzi. Kuzofakwa namamitha emijondolo ukuze kuliwe nale nkinga.
Kuzojutshwa onogada abazoqapha ingqalasizinda yamanzi ebalulekile okubalwa izinqolobane zamanzi neziteshi zamaphampu.
Sekuqalwe nohlelo lokufaka ingqalasizinda ewu-plastiki njengoba eyinsimbi yebiwa bese idayiswa njenge-scrap metal.
UPhillips uveze ukuthi ukunqamuka kukagesi kunomthelela omubi kwingqalasizinda yamanzi, njengamanje uthe iTheku selisebenzise uR100 million ukuthenga ama-generator awu-30, asiza ukuphampa amanzi uma ugesi ungekho.
INtuzuma ayisalanga ngaphandle njengoba yayishelwe yisiteshi sokuphampa amanzi, iTheku lizolungisa le ngqalasizinda ngoR35 million bese kuthi umsebenzi uqale ngoMashi.
Ngesikhathi kusenziwa lezi zinhlelo izindawo ezingenawo amanzi, zizothunyelelwa amaloli athwala amanzi.