LINGASE liphele isonto elizayo isiqokiwe imeya yomasipala waseThekwini njengoba i-ANC KwaZulu-Natal ithi uzobizwa “maduze” umhlangano wokuqoka ozongena kule sikhundla esivuleke emva kokususwa kukaMnuz Mxolisi Kaunda.
Kulindeleke ukuthi kube nezingxoxo zokugcina kule mpelasonto.
Uma amaqembu evumelana, kulindeleke ukuthi kubizwe umhlangano womkhandlu oyisipesheli ngesonto elizayo, ozokhetha imeya.
ITheku lisale lingenayo imeya ngenyanga eyedlule emva kokususwa kukaKaunda, osejutshwe eMkhandlwini weziFundazwe.
Ukuqokwa kwemeya entsha kwabhuntsha emhlanganweni womkhandlu owawungenyanga eyedlule.
Yize uSomlomo womkhandlu, uMnuz Thabani Nyawose, athi ukukhethwa kwemeya kwabhuntshiswa wukungabi bikho kwenhlangano eyengamele ukhetho, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), imithombo yaveza ukuthi ukungavumelani kwamakhansela e-ANC ngozongena esikhundleni yikhona okwenza ukuthi imeya igcine ingakhethwanga.
Igama elihamba phambili elaloyo owayephathiswe uMnyango wezoLimo, uMnuz Cyril Xaba.
Umthombo uthe uma izingxoxo zingahamba kahle, umhlangano wokukhetha imeya uzokuba ngesonto elizayo.
“Kubukeka sengathi kukhona ukuvumelana, sekushoda ukuthi kuqinisekiswe yonke into. Izingxoxo zokugcina zizokuba kuyo le mpelasonto. Lokho kusho ukuthi uma kuvunyelwene ngayo yonke into, umhlangano womkhandlu uzokuba ngesonto elizayo. Ngeke kulindwe umhlangano womkhandlu owejwayelekile ngoba usekude (umhlangano womkhandlu owajwayelekile uba sekupheleni kwenyanga). Umasipala omkhulu kangaka ngeke uhlale isikhathi eside kangaka ungenayo imeya.”
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uvumile ukuthi umhlangano wokuqoka imeya uzobizwa maduze kodwa wanqaba ukusho usuku.
“Thina lapha kwi-ANC asisebenzi kanjalo. Thina sifike senze izinhlelo zethu zangaphakathi kwi-ANC, bese siyekela abaholi esibajube kuhulumeni ukuba baqhubeke nomsebenzi. Yingakho kungeke kube yithina esimemezela umhlangano womkhandlu waseThekwini, sishiyela ebuholini bomkhandlu ukuthi kube ibona obumemezela umhlangano. Engikwaziyo nje ukuthi umhlangano uzobizwa maduze.”
UMndebele uthe ngokwabo sebekulungele ukuhlala komhlangano.
“Sesiphothule yonke into, sesilinde ukuthi kubizwe umhlangano.”
Ngakolunye uhlangothi, uNyawose utshele iphephandaba elinguzakwano weSolezwe, iThe Mercury, ukuthi bebengakanqumi ukuthi umhlangano uzokuba nini.
“Asikho isimemezelo somhlangano esesiphumile. Sizokwenza isimemezelo uma sesinqumile ukuthi umhlangano uzokuba nini.”
I-ANC ayinazo izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela eThekwini, ibambisane namaqembu amancane.
Akucaci noma isizosebenzisana yini ne-IFP neDA kumasipala njengoba la maqembu esebambisene kuzwelonke nasesifundazweni.