SELIPHENYWA ngamaphoyisa udaba lokuphahlaka kwebhanoyi likaR5 eliwe nezizumbulu zabantu abakhele iVerulam, enyakatho yeTheku.
UConstable Thenjiswa wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokukhwabanisa emuva kokuthi abantu akade betshale imali enkampanini ebizwa ngokuthi yiLeftover Currency bebikele amaphoyisa ukuthi abasayitholi lapho ibisebenzela khona futhi nabanikazi bayo sebenyamelele.
Izindaba zokuphahlaka kweLeftover Currency zisabalale ngoMsombuluko ntambama emuva kokuthi abantu akade befake imali yabo khona bevimbezele emahhovisi ale nkampani kwaze kwafika amaphoyisa.
Isolezwe lithole ukuthi abantu bebefaka uR5 onobuso bukamengameli wokuqala wentando yabantu, uNelson Mandela, bese befaka noR1 300 ngaphezulu obekuthiwa owokulekelela ukusebenza kwehhovisi. Bebethenjiswa inzalo kaR33 800 emuva kwezinsuku eziwu-32.
Inzalo ibiya ngokuthi ufake hlobo luni lukaR5 njengoba bekufuneka owokugubha iminyaka ewu-90 kuphila uMandela nabanye baleyo minyaka.
NgoLwesithathu abantu bebesaqhubeka nokuthutheleka kuleli hhovisi elisenkabeni yeVerulam njengoba benethemba lokuthi lisazovulwa.
Abanye bathi sengathi basephusheni elibi abasovuswa kulona njengoba bebelindele izizumbulu zikaR700 000, R1million nezinye izimali.
Okwamanje akekho oseboshiwe ngalesi sigameko njengoba amaphoyisa esaphenya ngaleli bhanoyi ebeliphethwe ngowesilisa ozibiza ngoBrian Mkhize nozakwabo obebizwa ngoDlamini.
UNksz Ntombikhona Dlamini waKwaSimamane, eNdwedwe, uthe baqale ukuzwa ngeLeftover Currency ngo-Agasti wonyaka odlule ngesikhathi benikwa amaphepha achaza ngale nkampani uma beyothenga eVerulam.
Uthe baye batshala imali kule nkampani ngoba bebona sengathi isemthethweni njengoba bekulenga isitifiketi esitholakala ezinkampanini zangempela esinombhalo weSouth African Revenue Service (Sars).