KUBUYE ithemba kubekwa usuku okuzoqulwa ngalo icala kunina wengane eyabulawa ngokuklinywa ngentambo yesikhindi eyayisigqokile kwaboshwa uyise wayo.
UNksz Nonhlanhla Sibisi, obegajwe injabulo, uthe useyabona ukuthi iyasebenza ingalo yomthetho emuva konyaka nezinyanga eziyisikhombisa kwabulawa uSfundo Sibisi (8).
Izolo, iNkantolo yesiFunda yasePinetown ibeke uNovemba 27, ukuthi kuzoqala ngawo kuqulwe icala lokubulala elithweswe uMnuz Siyabonga Innocent Shezi (30).
Ngenyanga eyedlule, uShezi wenqatshelwe ibheyili yinkantolo efanayo.
“Ngizizwa ngikhululekile emoyeni nokuthi ingalo yomthetho imande isebenza ngempela. Amanga okushiwo ummeli kamsolwa uma ethi ingane yaziwela ngesiphongo, ngoba ubufakazi bentambo bukhona,” kusho uNksz Sibisi.
Uqhube wathi uma kuwukuthi ingane yawa ngesiphongo, imiphi imizamo ayenza uShezi njengoyise wayo, ukuyihlenga?
Ubuze nokuthi uShezi wayekade eyaphi nomufi ehlathini?
“Ingoba wayazi ukuthi wayefuna ukwenza into yakhe ayiqede engabonwa muntu. Ingane yayiphuke nomlenze. Ingane yashaywa uyena (uShezi) futhi ngezwa ngothile amxoxela athi kuyena ngesikhathi esebona ukuthi izwela ubuhlungu, wavele wayiphumuza ngokuthi ayiklinye (yashona),” kuchaza uNksz Sibisi.
Isidumbu sikamufi satholakala ehlathini eNtshongweni.
Ummeli kaShezi uthe ingane yawa yashaywa itshe esiphongweni yashona.
Umshushisi, uMnuz Rowen Souls, uthe uzobiza ofakazi abahlanu boMbuso uma sekuqulwa icala.
USfundo ushone ngoJanuwari nyakenye. Kwaboshwa uyise ogqunywe ejele laseWestville kusukela ngaleso sikhathi.
Phambilini, uNksz Sibisi wathi uShezi wabulala ingane ngoba evova yena kwazise ucu lwalungasahlangani.
Khonamanjalo: Kuhlehliselwe uLwesithathu ngesonto elizayo ukwenziwa kwezindlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala lokubulala elithweswe uConstable Lungisani Xaba (48).
UXaba ubekade evele kule nkantolo izolo ngecala lokubulala unina owayephila nokukhubazeka, uNkk Greta Xaba (81) KwaDabeka, eClermont, ngoMeyi 2022.
UMbuso usola ukuthi wamshaya ngeplangwe elalinezipikili waze washona ngosuku lomama lwangalowo nyaka.