INHLANGANO eyakha imigwaqo eNingizimu Afrika, iSouth African National Roads Agency Limited (Sanral), imemezele ukuthi izoqala ukuqoqa imali yama-toll gate aseMvoti, uma kuqala u-Ephreli.
Abantu bebedlula mahhala emasangweni okukhokhwayo kuwo emuva kwezikhukhula ezamosha imigwaqo KwaZulu-Natal. Isinqumo sokukhokhisa abantu abadlula eMvoti toll plaza, sithathwe emhlanganweni obungoMashi 7.
Echaza uMnuz Dumisani Nkabinde, oyisikhulu seSanral kwi-Eastern Region, uthe bebenemihlangano nazo zonke izinhlaka ezithintekayo, okubalwa uhulumeni, osomabhizinisi, abamele amakhosi nosomatekisi.
Udalule ukuthi ukungakhokhisi abantu abadlula eMvoti toll plaza kudle iSanral imali ephakathi kuka-R400 kuya ku-R500 million.
“Umgwaqo uR102 usulungisiwe kanti noM4 usuvukile ngaphandle kwendawana eseduze kwebhuloho elingasemfuleni uThongathi. Kubalulekile ukuthi siqale ukuqoqa imali ukuze sikwazi ulungisa imigwaqo,” kuchaza uNkabinde.
Uqhube wathi sesigunyaziwe isinqumo sokukhokhisa abadlula eMvoti, njengoba sishicilelwe ngoMashi 17, emqulwini kahulumeni.
Isikhulu esiphezulu kwaSanral, uMnuz Reginald Demana, sithe kusukela ngo-Ephreli 1, zonke izimoto ezizodlula ematoll plaza okuwuMvoti, noThongathi sezizokhokha.
Uthe izimoto ezihamba kwinorth ramp yeThongathi toll plaza, zisazodlula mahhala kuze kube kulungiswa indawo emoshekile ebhulohweni lomfula uThongathi, eliku-M4.
Lokhu uthe kuzosiza abantu abaphazanyiswa wukuvalwa kuka-M4.