SEBEKHALELA ukuthola ithambo lothandiweyo wabo emva kokuphela goloqo inyanga aminza emfuleni uMzimkhulu.
UMnuz Bhekisisa Ngcamu (33) waseHlabeni, eBulwer, kuthiwa uminze emfuleni emva kokugujwa kukaNcibijane.
Ngokusho kukayise, uMnuz Nkosikhona Ngcamu, indodana yakhe ebuye ihlaselwe wukuthikamezeka ekhanda, ihambe yayoziphonsa yona esizibeni emfuleni, isivukwe yikho ukuthikamezeka ngokomqondo.
Uthe bazama ukuyibamba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.Uthe osekubaphatha kabi wukuhamba kwesikhathi engatholakali uBhekisisa.
“Ukube sithola ithambo lakhe okungenani, ngabe kungcono ukuze sazi ukuthi silahlekelwe, simthathe siyombeka endaweni yakhe yokugcina,” kusho uNgcamu.
Uthe njengamanje badunguza ebumnyameni, kabazi noma kufanele baqale bazile noma bathi ukulinda.
Ukhale ngokungalutholi usizo lwabatshuzi.Uthe emva kokubika isigameko emaphoyiseni, abatshuzi bafika kanye, bangangena emanzini, bahamba osebeni lomfula, maqede bangena ezimotweni, bakhala amaphepha.
“Abakaze babuye,” usho kanje.
Uthe kusukela ngaleso sikhathi, usizo baluthola emphakathini, okuyiwo ewehla enyuka nabo, kucingwa emfuleni.
Uthe njengoba bengenalo ikhono lokubhukuda, noma ukutshuza, abangeni emanzini ngenxa yokwesaba ingozi.
“Sicela abatshuzi abazongena phakathi emanzini, babheke ukuthi akabambekile yini phansi esizibeni,” kusho uNgcamu.