UMQONDISI wezokuShushisa (NPA) KwaZulu-Natal, u-Advocate Elaine Harrison, uthe awafakwanga amagama ofakazi esicelweni sokubuyiswa kwabasolwa ekufeni kuka-AKA ngoba kunokukhathazeka ngokuphepha kwabo.
UKiernan “AKA” Forbes, nomngani wakhe uTebello “Tibz” Matsoane, bavinjezelwa okwezinyamazane babulawa nyakenye. Bathelekelwa ngamadoda abavithiza ngenhlamvu bashona bencokola ngaphandle kwendawo yokudlela i-Wish, esemgwaqweni kuFlorida, eyagcina ivaliwe.
Kunomshikashika wokuzama ukubuyisa abanye abasolwa ababhajwe eSwatini, okuthiwa bayathinteka ekufeni kwabo. UMnuz Siyabonga Gezani Ndimande obuye abizwe ngoNxele, noMnuz Malusi Dave Ndimande basabhajwe eSwatini.
Baboshwa begobe amadlangala eNkwalini, eZone 4, eMbabane, khona eSwatini, lapho ababeqashe khona.
U-Advocate Harrison uthumele amaphepha esicelo sokubuyiswa kwabasolwa abaseSwatini, asidlulisele kuNgqongqoshe wezobuLungiswa, uMnuz Ronald Lamola. Iphephandaba iTimes of Eswatini libike ngodaba lithi amaphepha esicelo asefakiwe.
Kuvela ukuthi isicelo sibhalwe amakhasi angu-254 nokulapho u-Advocate Harrison, eveza khona uvalo analo ngofakazi becala.
“Bekungeke kube nobulungiswa ukudalula amagama ofakazi esicelweni secala. Amacala abafunelwa wona abucayi futhi makhulu, ukuvikelwa kofakazi nesithunzi sophenyo yikhona okuphambili ukuze kushushiswe ngempumelelo,’’ kuchaza u-Adv Harrison.
Emaphepheni uphinde waveza ukuthi banobufakazi obuqanda ikhanda ngamacala abazowathwesa abasolwa. Uthe ubufakazi obuqukethwe yidokodo bukhomba ukuthi abakwaNdimande basebenza ngokubambisana ekufeni kuka-AKA nomngani wakhe.
U-Advocate Harrison uveza nokuthi abaphenyi becala bami ngomumo ukuyofakaza eNkantolo eSwatini, uma kunesidingo salokho ukuze basekele isicelo sokubuyisa abakwaNdimande.
Izinsizwa zakwaNdimande sezivele izikhawu eNkantolo yeMantshi kwaManzini, eSwatini, udaba luhlehlisiwe ngoba bekusalindwe isicelo sakuleli.
Kulindeleke ukuthi abasolwa abaseSwatini, baphindele enkantolo ngo-Ephreli 9, kuzwakale ukuthi kuthiwani ngesicelo sokubuyiswa kwabo.
Abanye abasolwa abahlanu babhizi nesicelo sabo sebheyili eNingizimu Afrika, abasifake eNkantolo yeMantshi eThekwini. Kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngoMashi 27, ukuze uMbuso wenze izethulo zawo uphikisa isicelo sebheyili sabasolwa.