IDINGA ithimba longqongqoshe beminyango ehlukene inkinga yokuduva kwezidumbu ezingenabanikazi emakhazeni kahulumeni kuleli.
Lokhu kushiwo nguDkt Sibongiseni Dhlomo, iphini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli ngesikhathi ekhuluma nesiteshi sethelevishini izolo. UDkt Dhlomo ubekhuluma ngemuva kokukhishwa kombiko othi zibalelwa ku-2 000 izidumbu eziduve emakhazeni kahulumeni kuleli, ezingenabanikazi.
Isibalo sidalulwe nguNgqongqoshe wezeMpilo ezweni uDkt Joe Phaahla, obephendula umbuzo welungu leDA, ePhalamende uNksz Madeleine Hicklin.
UPhaahla uveze ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal, yisona esinesibalo esiphezulu sezidumbu eziduve emakhazeni njengoba zingu-1 336, kulandele iLimpopo ngezingu-283, neNorth West ngezingu-266.
Ungqongqoshe uveze nokuthi eMpumalanga zingu-82 izidumbu ezingenabanikazi, eFree State zingu-82, kuthi eNorthern Cape zingu-51.
Azikho izidumbu ezidalulilwe eGauteng, Eastern Cape, naseWestern Cape.
UDhlomo uthe inkinga isidinga ukuthi kungenelele ithimba longqongqoshe abehlukene okubalwa owamaPhoyisa, owezaseKhaya, owezeMpilo, owezokuBusa nokuBambisana nowezobuLungiswa.
“Ngikhulumile noPhaahla ukuthi mhlawumbe kumele sicele kumengameli ukuthi sisebenzisane nalabo ngqongqoshe kule nkinga. Isidinga uwonke wonke ngoba ukuze singcwabe izidumbu ezingenamuntu sidinga umhlaba kumasipala,” kuchaza uDkt Dhlomo.
UDhlomo uqhube wathi izidumbu eziningi zakulesi sifundazwe zisuke zingezabantu abagwaziwe, nabadutshuliwe.
“Ezinye izidumbu eKZN zisuke zingezabantu abazikhungile kanjalo nabasuke belimele ezingozini. Siyazigcina izidumbu ngethemba lokuthi imindeni izofika izofuna izidumbu emakhazeni. Uma kudlula izinsuku ezingaphezu kuka-30, sibe sesihlela ukuzingcwaba siwuhulumeni, ngokwethu sisigcina izinsuku ezingu-30 isidumbu,” kuchaza uDhlomo.
Uthe bengumnyango abakwazi ukubika izidumbu eziduvile ezingenabantu ngoba ezinye izinqumo zidinga eminye iminyango.
UDkt Dhlomo uchaze kanje:“Okunye okumele sikubheke noNnqongqoshe wezobuLungiswa ngukuthi mhlawumbe isidumbu esesihlale isikhathi eside emakhazeni silothiswe. Manje lesi sinqumo asikwazi ukusithatha singumnyango wezeMpilo wodwa, sidinga usizo lweminye iminyango.”
Uthe bayalugcina ulwazi olufana nesithombe, amasampula egazi namanyela ezandla ukuze ngomuso uma kufika izihlobo bakwazi ukuhlola ulibofuzo.
Unxuse imindeni esuke ilahlekelwe yizihlobo ukuthi iye emakhazeni kahulumeni iyothungatha khona izidumbu ezisuke zingaziwa.
UDkt Dhlomo uveze ukuthi akukuhle ngasohlangothini lwezempilo ukugcina isidumbu emakhazeni iminyaka eminingi.
“Sinxusa abasebenzi bethu ukuthi baqhubeke nje bazigcine lezi zidumbu noma sazi ukuthi akukuhle ngakwezempilo. Ezinye izidumbu kuphela iminyaka ziduvile emakhazeni.”