UMENGAMELI weNFP, uMnuz Ivan Barnes, ufuna kubasebenzele ukuba ababeki benkosi KwaZulu-Natal.
UBarnes ufuna isihlalo abasithole esiShayamthetho saKwaZulu-Natal sibasize bakhulise iqembu.
Yize iNFP ithole isihlalo esisodwa KwaZulu-Natal, ibonwa njengababeki benkosi njengoba lingekho iqembu elinqobe ukhetho ngamalengiso.
INFP imataniswa nesivumelwano sokusebenzisana okuthiwa sixoxwa i-IFP, ANC, neDA, abanezihlalo ezingu-40.
Ukuze la maqembu aphathe adinga isihlalo esisodwa.
Uma isivumelwano siphumelela, kuthiwa iNFP izonikezwa isikhundla kwikhabhinethi lesifundazwe.
UBarnes uthe isivumelwano abazongena kuso ufuna sibasize ukuba bakhe kabusha leli qembu elikhombisa ukwehlelwa ukwesekwa.
“Njengeqembu sizobheka izindlela esingasebenzisa kahle ngazo isihlalo esisitholile. Kubalulekile ukuthi isihlalo sisisebenzele ukuze sibuye ngamandla okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2026.”
UBarnes ukuqinisekisile ukuthi kukhona amaqembu asebathintile, efuna ukuthi basebenzisane.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi i-ANC ne-IFP sebesithintile, sesilinde ukuba sihlangane nabo. Engingakusho ke ukuthi iDA ayikakhulumi nathi. Esikulindile ukuthi zonke izinhlangano ezifuna ukuphatha zihlangane, zikhulume ngezwi elilodwa. Sifuna ukuba kube nesivumelwano esizosiza abantu.”
Kucishe kwavalwa ngehlahla kwiNFP kulolu khetho njengoba ingatholanga lutho ePhalamende, ibikade inezihlalo ezimbili.
Naso isihlalo abasithole KwaZulu-Natal basithole ngengcacamezela njengoba bethole amavoti angu-16 991.
Isihlalo esiShayamthetho besingamavoti angaphezu kuka-40 000, iNFP ibhekelelwe njengeqembu elincane elithole amavoti angconywana kunamanye.
UBarnes ukhale kakhulu ngezinkinga zangaphakathi, wathi izona ezenze ukuthi bangenzi kahle okhethweni.
“Imiphumela yokhetho ngeke siyihlukanise nezinto ebezenzeka ngaphakathi kwiNFP. Yebo abantu abathembekile kwiNFP bavotile kodwa kunamalungu eNFP anganelisekile angazange avote. Izinkinga zangaphakathi kwiNFP zenze ukuthi abantu abaningi bagcine bengasayithembi iNFP.”
UBarnes uthe izinkinga eziningi sebezilungisile, wathi sekusele kancane bakhulume ngezwi elilodwa.
“Lokhu kusho ukuthi sizoya okhethweni olulandelayo singasabhekene nezinkinga. Lokho kusinika amathuba okuthi senze kahle.”
Izinkinga zeNFP zindala, zaqala ngesikhathi kunengqungquthela yokukhetha ubuholi eyayingo-2019.
Ubuholi obakhethwa kule ngqungquthela bahlakazwa isinqumo senkantolo.
Ngonyaka odlule i-NFP yaba nengqungquthela yokukhetha ubuholi, nokho kukhona abaphikisana nobuholi obakhethwa.