USIHLALO we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uthi kungamampunge ukuthi kunokungahoshelani phakathi kwakhe noMengameli weqembu uMnuz Velenkosini Hlabisa. UNtuli ube nengxoxo ekhethekile neSolezwe lapho ephawule khona ngesimo seqembu namahlebezi asabalele ngaye noHlabisa.
Ngaphandle kwesikhundla sikaSihlalo we-IFP, uNtuli uphinde abe uSihlalo weSALGA esifundazweni kanti uyiMeya kaMasipala wesifunda iKing Cetshwayo.
Kulezi zinsuku ziphinde zaqubuka kabusha izinsolo zobuqembuqembu be-IFP lapho kuthiwa kukhona abeseka uNtuli nabeseka uHlabisa.
Kukhona ngisho inkulumo eqoshiwe lapho owesilisa ekhuluma ngomhlangano owawuseJozini okuthiwa wawubanjwe yiqeqebana okuthiwa elikaNtuli. Okhulumayo waqoshwa ethi kufanele kucace ukuthi kukhonya bani phakathi kwezikaHlabisa nezikaNtuli.
UNtuli uthe uyazi ngephimbo eliqoshiwe futhi lisatshalaliswe wumuntu nje ongekho ngisho ezinhlakeni zobuholi.
“Kunozinzo eqenjini futhi mina nomengameli sesikusho kaningi ukuthi ayikho ingxabano ephakathi kwethu. Ubufakazi busobala ngoba mina ngiyiMeya yaseKing Cetshwayo futhi umengameli uhlala efika khona. Nangesikhathi ngiyiMeya eNkandla ubehlala efika ekhuluma emicimbini ehlukene,’’ kuchaza uNtuli.
Uthe inkulumo eqoshiwe isabalale emuva kokuthi kwaba nomhlangano wekhokhasi eyayihlanganyelwe abaholi abehlukene. Uthe umuntu ozwakala ekhuluma wayenza ihaba ngento angayazi.
Ubuziwe nangezinsolo zokuthi ufisa ukuphakanyiselwa ukuthi angenele umbango wesikhundla sikandunankulu KwaZulu-Natal. Uthe ukusebenza kanzima kusemizweni yakhe nokwenza abantu baze bathi ukhwishizela ukuthola izikhundla.
“Akukho sikhundla engisiconsela amathe ngoba ngiyimeya njengamanje futhi ngikholwa wukuthi kuningi okusangihlalele okufanele ngikwenzele abantu eKing Cetshwayo. Angiyena umuntu wezikhundla, nasekuqaleni ngancengwa amakhosi aze anginqoba ngokuthi kusho uMntwana wakwaPhindangene,’’ kusho uNtuli.
Uthe imisebenzi yakhe iyazikhulumela kusukela esewuthishomkhulu lapho afica khona isikole sibheda wasiqondisa. Uthe emuva kokufika kwakhe isikole sagila izimanga ngemiphumela yokuphasa ngoba ukusebenza kanzima kusemizweni yakhe.
Uthe uyakuqonda ukuthi iqembu lizoya okhethweni okokuqala ngaphandle komsunguli walo, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, okhothame ngoSepthemba. Uthe uShenge ushiye uhlaka lokusebenza olunohlonze olwenza kube lula ukuqhubekela phambili ngisho engasekho.