UNUNUSELWA ngesikhundla sikandunkulu wesifundazwe uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, okuthiwa ucingo lwakhe lukhala umlibe eshelwa ngamaqembu.
UNtuli obefakwe kwesombango kandunankulu kuthiwa ufunwa yiMK, yi-ANC ne-DA abafuna ukungena naye embusweni wesifundazwe. Kumatasa njengamanje kuyaxoxiswana ukuze kubunjwe uhulumeni wesifundazwe.
IMK ihambe phambili ngezihlalo ezingu-37 esifundazweni. IMK ilandelwa yi-IFP ngezihlalo ezingu-15 bese kuba yi-ANC enezihlalo ezingu-14. Endaweni yesine kuhleli i-DA ngezihlalo ezingu-11.
I-EFF inezihlalo ezimbili bese kuvala i-NFP ngesihlalo esisodwa kodwa esingenza umehluko omkhulu. Isolezwe lithole ngezingede zalo ukuthi amaqembu ashela uNtuli kwesikandunankulu.
Ebuzwa uNtuli ngalokhu uthe kuyiqiniso ukuthi amaqembu ayamthinta kodwa akukho azokwenzeka ngoba izingxoxo ziphethwe yiqembu kuzwelonke.
“Ucingo lukhala manje namanje kube kungena olunye bayangithinta kodwa ngibedlulisela kubaholi kuzwelonke lapho okuphethwe khona izingxoxo. Mina ngiqhubeka nomsebenzi lapha eKing Cetshwayo,’’ kusho uNtuli.
UNtuli wale waphetha ukudalula amagama amaqembu amthintile wathi ngeke akwazi okwamanje. Uthe akazi ukuthi izingxoxo zizophetha kanjani kodwa iqembu lizomemezela uma kukhona izivumelwano.
Okokuqala okusabalele wukuthi i-ANC ingase ingene iphathe ne-DA ne-IFP bese befaka neNFP. Uma wonke la maqembu ehlangene enza izihlalo ezingu-41 nokungenza kube lula ukuthatha umbuso wesifundazwe.
Izihlalo eSishayamthetho zingu-80, okusho ukuthi ophethe izintambo kufanele abe nezihlalo ezingu-41 kuya phezulu. Uma ehlangana amaqembu abalwe ngenhla kuyobe kusho ukuthi iMK ne-EFF bazoba amaqembu aphikisayo.
Uma i-IFP ikhetha ukungena neMK kuyobe kusho ukuthi izihlalo zabo uma zihlangene zingu-52 nokuyokwenza badlule ngehubo beyothatha izintambo zombuso kuhulumeni wesifundazwe.
Lokhu kuyobe kusho ukuthi i-ANC, DA, EFF neNFP bazoba amaqembu aphikisayo esifundazweni. I-ANC ebiphethe isifundazwe ilahlelwe yizihlalo ezingu-30 eyayizithole okhethweni lwango-2019, lapho yayithola u54%.