UNOBHALA-Jikelele we-EFF uMnuz Marshall Dlamini ulahlwe yicala lokushaya iphoyisa ngempama emcimbini wenkulumo kamengameli ebhekiswe ezweni ngo-2019.
Ivideo uDlamini enza lokhu yasabalala ezinkundleni zokuxhumana, kubatshazwa.
UDlamini ulahlwe yicala eNkantolo yesiFunda eCape Town lapho abevele khona.
Wabonakala kwi-video esakaza ngempama uWarrant Officer Johan Carstens ebusweni kwafahlaka izibuko zakhe walimala.
UCarstens wavula icala emuva kwesigameko njengoba selihambe laze lamgojela uDlamini emuva kweminyaka cishe emihlanu isigameko senzeka.
UDlamini uthi wayelunywe indlebe ngokuthi kukhona ababefuna ukusoconga umholi wakhe uMnuz Julius Malema okwaphoqa ukuthi amvikele.
Uthi wayezitshela ukuthi uCarstens uyingxenye yozungu lokuqeda ngoMalema.
IMantshi uNashwa Banwari ekhipha isinqumo uthe ukuzithethelela kukaDlamini akwemukeleki, umlahle ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
UDlamini emuva kwaleso sigameko wacashunwa kwabezindaba ethi ubeqondisa umuntu omhlophe obegcwaneka.
Kulindeleke ukuthi uDlamini abuyele enkantolo ngoMeyi 31 lapho okuzophuma khona isigwebo sakhe ngalolu daba.
Ngaphandle kwaleli cala, abaholi be-EFF uMalema noDkt Mbuyiseni Ndlozi banamanye amacala abawahambayo ezinkantolo okusalindelwe izinqumo zawo.