OMELE i-EFF embangweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Twala, ukhale ngokushaywa indiva kwabantu abahlala emijondolo nasemapulazini esifundazweni, wathi basathwele kanzima njengoba bengahleli kahle.
Uthe abalimi basabahlukumeza kakhulu abantu abahlala emapulazini ezindaweni ezehlukene esifundazweni.
“Ezindaweni ezifana nakoFilidi, Madlangeni nezinye, basahlukunyezwa kakhulu abantu abahlala emapulazini. Njenge-EFF esifundazweni nakuleli, uma sithatha amandla sizokwazi ukulwa nalesi sihlava ngoba amaBhunu abacindezele,” kusho uTwala.
Uveze ukuthi kusanabagilwa bezikhukhula ezahlasela esifundazweni, namanje abasahlala emaflethini.
“Kumele kubuyiswe isithunzi somuntu omnyama, abantu bahlale ezindlini ezibafanele. Uhulumeni akabasizi ngalutho, impilo yabo ayithuthuki.”
Ubalule ukuthi iminyango kahulumeni okungowezeMfundo nowezeMpilo, iwe bhu esifundazweni, ayisebenzi.
“Abantu abalutholi usizo ezikhungweni zezempilo, ekubeni kunabahlengikazi abahleli emakhaya abangasebenzi. Esibhedlela eMadadeni imibhede ayisekho, ziningi nezinye izikhungo ezingasebenzi kwezinye izindawo. Imitholampilo ayivulwe ubusuku nemini ngoba abantu badinga usizo, ngaso sonke isikhathi.”
Kwezemfundo, uthe othishanhloko kudingeka basebenzise imali yabo ukuze kuqhubeke ukufunda nokufundisa.
UTwala uphefumule kanje ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSolezwe, lapho ebekhuluma khona ngomkhankaso wokuhola isifundazwe.
Okhethweni lwango-2019, leli qembu lathola amavoti acela ku-350 000 esifundazweni, lathola izihlalo eziyisishiyagalombili esiShayamthetho eMgungundlovu.
Lilele endaweni yesine ngobukhulu kulesi sifundazwe kanti kulolu khetho lihlose ukuthola amavoti ayisigidi.
“Sihlose ukuthola isigidi samavoti, siphathe uhulumeni ngokuphelele. Siphume imikhankaso senza nezinhlelo zokudla umhlanganiso kulolu khetho.”
Ubalule ukuthi bayiqembu labantu abasha ngakho bagxile kubona ngethemba lokuthi babavotele.
“Siphuma singena ezindaweni ezihlala izitshudeni namafulethi ukuze sithole amavoti. Akulalwa, sisebenza ubusuku nemini ngoba sifuna ukuwina ngamalengiso lolu khetho. Sike sahlala sacubungula ukuthi kungani sesekwe abantu abasha ezikhungweni zemfundo siwine imikhandlu kulezi zikhungo kodwa bangavoti ngobuningi babo. Sithole ukuthi abanye abanendaba nokuvota. Sibeke phambili uhlaka lwabantu abasha okuyilo olusebenza ngamandla nangokuzikhandla ukuze siwine ukhetho olwaziwa ngeMlungisi Madonsela Battalion. UMadonsela wayeyisitshudeni eDUT, esashona kubhikishwa kule nyuvesi. Sinamashoshozela angu-1 000 okungenani isikhungo ngasinye ukuze kugqugquzelwe intsha ukuthi ivote.”
Uthe ukuba ngusihlalo weqembu elesekwa yintsha njenge-EFF, akuyona into elula ngoba kudingeka bagxishe imfundiso kubantu abangakaze bavote, abanye basuke bengakaze babe ngisho ngamalungu amanye amaqembu ezombusazwe.
UTwala (38) uphinde waxwayisa amalungu abo ukuthi angacekeli phansi impahla ezikhungweni zemfundo noma emiphakathini uma kukhona angeneme ngakho.
“Siyiqembu elilandela imithetho yezwe, ngakho asihambisani nokucekelwa kwempahla ozobuye uyidinge ngomuso. Kodwa ke nasezikhungweni eziningi zemfundo ephakeme, kuyaqapheleka ukuthi abaphathi abayifuni imikhandlu yezitshudeni ye-EFF ngoba uthola ukuthi uma kutelekwa, kuboshwa amalungu ethu. Uma uya ezinkantolo uthola kuwuphiko lwethu oluboshiwe, ekubeni nezinye izinhlangano beziteleka. Lokhu kukushiya nemibuzo eminingi ngoba kukhona namalungu ethu anikwe izincwadi zokuthi angasondeli ezikhungweni.”
Mayelana nokufika kweqembu elisha Umkhonto weSizwe esifundazweni elizongenela ukhetho okokuqala eliholwa ngowayengumengameli we-ANC nezwe uJacob Zuma, uthe okwamanje alikho ilungu noma umholi we-EFF osejoyine iMK.
“Abantu engicabanga ukuthi abasabuthi quthu ubuthongo uKhongolose njengoba kunamakhansela eMzumbe ajoyina iMK. Akusithusi ukubakhona kweMK, ngicabanga ukuthi izoshaya kakhulu i-ANC, thina sesekwa kakhulu yintsha, engadidiseki kalula.”
UTwala wasoSizweni eNewcastle, akalona ivukana kwezepolitiki njengoba eyingxenye yabantu abasungula i-EFF esifundazweni.
Uthe balikhulisa lasabalala kusona sonke isifundazwe njengoba laqala ezifundeni ezine kuphela kodwa manje sebemeleleke kuyona yonke iKZN.
“Ngiqale ukusebenza eduzane nomphakathi ezinhlakeni ezehlukene okubalwa kwimiphilandawonye nako-Love Life. Umndeni wami wawuvele ukhona emzabalazweni, nomkhulu wayeyingxenye yekhomishini yamaqiniso nokubuyisana.”