I-ANC KwaZulu-Natal isihleka usulu isinqumo seMeya yoMasipala wesifunda iZululand, uMfu Thulasizwe Buthelezi, sokubophisa iphini likasihlalo wayo esifundazweni, uNksz Nomagugu Simelane owagoloza ukuhoxisa izinsolo zokuthi ihlukumeza abesifazane ngokocansi.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele uthe angeke siphumelele isicelo sikaButhelezi sokuthi uNksz Simelane amhlawule ngo-R10 million.
“Ihlaya leli elenziwa uThulasizwe,” kusho uMndebele.
Impi yezomthetho kaButhelezi noNksz Simelane ithathe elinye igxathu kuleli sonto njengoba uButhelezi efake amaphepha eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, efuna ukuba inkantolo iphoqe uNksz Simelane ukuba amhlawule.
UButhelezi, obuye abe uNdunankulu kaZulu ukhala ngokuthi izinsolo zikaNksz Simelane, oyiphini likasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal zimehlisa isithunzi.
Emaphepheni asenkantolo, uButhelezi uthe izinsolo zikaNksz Simelane zingalimaza amathuba akhe okuthi abe yilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
UButhelezi uvela ohlwini lwabaholi be-IFP abazoyimela esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
UNksz Simelane waziqhatha noButhelezi ngokuthi amsole ngokufuna ukulala nabafazi babantu, lokhu ukusho emcimbini we-ANC owawuseVryheid.
UNksz Simelane wakhalaza ngezinduna zamabutho ezagxeka isenzo sikasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma sokuphuca uButhelezi umbhobho ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
Enkulumweni kaNksz Simelane eyingxenye yamaphepha asenkantolo afakwe uButhelezi, ukhala ngokuthi izinduna zamabutho, azikaze ziphawule ngezinsolo zokuthi uButhelezi uhlukumeza abesifazane ngokocansi.
“Kusiphatha kabi singabantu besifazane ukuthi izinduna ziyakwazi ukukhala ngokuthi uThulasizwe uphucwe umbhobho, kodwa azisho lutho uma efuna amakhosikazi abantu embhedeni.
“Zithuli zithini izinduna ngehlazo elifana naleli? Imeya ethi ngaphambi kokuthi ngikukhokhele umholo wakho owusebenzele, woza uzolala kwami kuqala,” kusho okaSimelane.
UNksz Simelane ophinde abe uMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, wayebekelwe umnqamulajuqu wangesonto eledlule ukuhoxisa izinsolo azenza ngoButhelezi.
UButhelezi uziphikile izinsolo ezenziwa uNksz Simelane wathi zingcolisa igama lakhe.
“Izinsolo zingiveza njengomuntu osebenzisa budlabha isikhundla sami njengemeya, futhi zingiveza njengomuntu ongafanelwe ukuphatha isikhundla.
“Lezinsolo zibeka engcupheni amathuba okuthi ngiqokwe njengelungu lesiShayamthetho,” kusho uButhelezi.
UNksz Simelane unikezwe izinsuku eziyishumi ukuba afake amaphepha aphikisa isicelo sikaButhelezi.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNksz Simelane ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni futhi akazange awuphendule umbuzo awuthunyelwe.