OWAYEYINHLOLI kwiState Security Agency (SSA) futhi eyinxusa lakuleli eJapan, uMnuz Thulani “Silence” Dlomo, muva nje wethule incwadi yakhe ethi The Encounter eCoastlands Umhlanga Hotel and Convention Centre, eThekwini.
Phakathi kwezicukuthwane ebezihambele umcimbi kubalwa nomshicileli uDkt Tich Tanyanyiwa nomndeni kaDlomo.
Echaza ngencwadi ezinkundleni zokuxhumana uDlomo, uthe izophucula isizukulwane futhi iguqule impilo yabantu abaningi.
“Yincwadi ezonyakazisa ipolitiki yase-Afrika bese iletha uguquko.”
UTanyanyiwa uhalalisele uDlomo ngalo msebenzi.
“I-#TheEncounter...Impilo izoguquka kakhulu ngalobu buhlakani obushicilele.
Le ncwadi engadlulelwa yisikhathi izoguqula izizukulwane. IFaithland Publishers iyathobeka kakhulu ukuba neqhaza kulo mbono,” kusho uTanyanyiwa.
Uthe incwadi izokwenza abantu bajule kabanzi nge-Afrika, ubuholi bayo, isimo somnotho nesepolitiki.
Ngokusho kwephephandaba iThe Star, eliwuzakwabo weSolezwe, uDlomo usebenzise amava kwezobunhloli ukubheka ukuthi yini eyabhimbisa umlando wakuleli.
Akagcini lapho kodwa ubuye aqhamuke nezisombululo acabanga ukuthi zingasetshenziswa nguhulumeni ukwenza kube nenqubekela phambili.
Uma ufunda incwadi uyabona ukuthi uDlomo uyakholelwa kakhulu ekufukuleni intsha ukuze leli zwe libe nekusasa eliqhakazile.
“Intsha isohlelweni lukaNkulunkulu ekuguquleni i-Afrika. Kwaba yintsha eyasifaka kwinkululeko. Sidinga intsha ezithobile futhi ezihloniphayo. Ngajoyina i-African National Congress ngineminyaka ewu-13. Sengineminyaka ewu-15 ngase ngisekudingisweni.” UDlomo uthe kufanele intsha inikezwe amathuba.
“Masazi kabanzi ngasebephumelele ukuze sisike iphethini kubo. Intsha yaseJapan iyalalela.”
Esahlukweni asibiza ngobuCiko Bempi, uDlomo uthatha umfundi ngamehlo engqondo amcije ngokuthi angazilungiselela kanjani ukubhekana nezingqinamba ezehlukahlukene ezingaba wumgoqo ovimbe endleleni eya empumelelweni. Le ncwadi itholakala ku-www.ambtdlom.com.