OWESIFAZANE waseMlaza othole ingqayizivele yethuba lokuxoxa noMengameli uCyril Ramaphosa, ukhale ngengane yakhe eqede isikole yahlala ilinde uxhaso lweNSFAS.
URamaphosa ubehambele inxanxathela yezitolo eMega City, eMlaza lapha ebonane khona nabantu.
Uhambo lukaRamaphosa beluyingxenye yamalungiselelo omcimbi we-ANC omkhulu wokwethula izethembiso zokhetho eThekwini onamuhla. UKhongolose ulungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29.
Kulindeleke ukuthi kudilike umthangala enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida lapho kuzobe kuphithizela khona uKhongolose. URamaphosa eseMlaza ukhumbuze abantu ngokubaluleka kokuvota.
Bekunzima nokuhamba kahle kuRamaphosa ngendlela abantu abebemngunge ngayo befuna ukumxhawula, ukushutha nokuxoxa naye. Ubelokhu eziphakamisile izandla ebingelela ebuza impilo kubantu ehleka.
Uthe esahamba kanjalo wanqwamana nowesifazane ofake isikhalo kumengameli. Uthe uRamaphosa esabuza impilo, lo wesifazane wathi akuhambi kahle.
“Hawu, baba kuyabheda, buka mina nje ingane yami iqedile u-matric ihleli ekhaya ayiyitholanga iNSFAS,’’ kusho lo wesifazane. URamaphosa umnike ithemba ethi ababekezele, kuzogcina kulungile.
“Wayefake isicelo somfundaze? Hawu! Akalinde ngoba phela baningi abafake izicelo, bayizigidi. Makalinde nje angapheli inhliziyo. Yebo, cha, siyabonga,’’ kusho uRamaphosa edlulela phambili.
Ngesikhathi uRamaphosa ehamba, bebebodwa abebememeza bethi “Uyindoda Matamela” abanye bethi “Ubaba wethu”. Abaqaphi bebebuye baphebeze abantu abebesondela kakhulu kuRamaphosa befuna ukumthinta.