UNGENE emabhukwini omlando owaKwaZulu-Natal ngesikhathi kukhethwa ubuholi obusha be-ANC Youth League (ANCYL) engqungqutheleni ebingempelasonto.
UNksz Phumzile Mgcina, oqhamuka esifundeni iMbuso Kubheka, ube ngowesifazane wokuqala ukuba aqokelwe esikhundleni sephini likamengameli we-ANCYL.
UNksz Mgcina ukhethwe engaphikiswanga muntu kule ngqungquthela ebiseGoli, eNasrec.
Engqungqutheleni kuqokwe uMnuz Collen Malatji, wasesifundazweni iGauteng, njengomengameli.
UMalatji, oyilungu lePhalamende, naye ukhethwe engaphikiswa muntu emva kokuthi kube igama lakhe kuphela eliphakanyiswe isibalo esanele samagatsha.
UMalatji bese kunesikhathi eside igama lakhe limataniswa nombango wokuhola i-ANCYL njengoba laqala ukuphakanyiswa ngo-2018, ngaphambi kokuthi kuhlakazwe ubuholi obudala.
Ngaphambi kwengqungquthela ubeyiphini lomgqugquzeli wethimba lesikhashana ebelihola i-ANCYL.
Umkhankaso kaMalatji kanye nahambisana nabo ubugxile ekulweleni ukunikezwa kwentsha amathuba ezomnotho.
Ekhuluma ngaphambi kwengqungquthela, uMalatji wathembisa ukuthuthukisa abantu abasha.
“Ngifuna ukukhunjulwa njengomengameli owalwela ukuthi abantu abasha banikezwe amathuba kwezomnotho. Ngingumuntu ozigcinayo izethembiso, angibakhohlwa abantu uma sengiqokelwe esikhundleni.”
UMnuz Muntuwoxolo Ngudle ukhethwe njengonobhala jikelele, kwathi uMnuz Zwelo Masilela wakhethwa njengomgcinimafa jikelele.
UNksz Tsakani Shiviti ukhethwe njengephini likanobhala lokuqala, kwathi uNksz Olga Seate wakhethwa njengephini likanobhala lesibili.
I-ANCYL yagcina ukuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi eminyakeni engaphezu kweshumi eyedlule.
Kusukela kwahlakazwa ubuholi obedlule, i-ANCYL ibilokhu iholwa amathimba esikhashana.
Ukuqala kwengqungquthela kuke kwathi ukubambezeleka ngenxa yezinkinga zangaphakathi.
Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC ebelijutshwe ukuba liyoqapha ingqungquthela, uMnuz Mzwandile Masina, lithe ubuholi obusha buhlalelwe umsebenzi omkhulu.
“Sekunesikhathi eside i-ANCYL ingenabo ubuholi. Lokhu sekuholele ekutheni kube nzima ukuthi i-ANC ithole amavoti abantu abasha uma kunokhetho. Lobu buholi kufanele busebenze kanzima ukukhuthaza intsha ukuba ivotele i-ANC.
“Njengamanje intsha ibhekene nenselelo yokushoda kwamathuba emisebenzi. Ubuholi obusha be-ANCYL kufanele benze isiqiniseko sokuthi uhulumeni we-ANC udala amathuba emisebenzi.”
Umengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, bekulindeleke ukuthi avale ingqungquthela, izolo ntambama.