UTHISHA obaqwaqwade bonke emakhanda ngokuba nguthisha ovelele ezweni, unxuse ozakwabo ukuthi bangenele umncintiswano wokuba nguthisha ovelele ngoba ufunde lukhulu kuwo.
UNkk Gugu Qwabe, ofundisa eMandla Mthethwa School of Excellence eMkhanyakude KwaZulu-Natal, uhlonishwe ngokuba wuthisha ovelele kuleli emcimbini wokuhlonipha othisha ezweni, obuhlelwe wuMnyango weMfundo eyisiSekelo eTshwane izolo.
Kwividiyo ethunyelwe ngumnyango, uNkk Qwabe uthe lide ibanga alihambile ngaphambi kokuhlabana kuzwelonke njengoba eqale wadla umhlanganiso wokuba wuthisha ovelele esifundazweni.
Uhambo uthe luqale esifundeni akuso njengoba egcine ewinile.
“Ziningi izinto ebezibuzwa ezisiza emsebenzini esiwenzayo. Ezinye zazo zithinta ukuguquguquka kwesimo sezulu kanjalo nezithinta ukufundisa ngezobuchwepheshe.”
Abanye othisha abadle umhlanganiso emncintiswaneni oba minyaka yonke nguMnuz Samukelo Ntuli, wase-Anton Lembede Academy obashaye bonke emkhakheni wokufundisa iMaths kuleli, uMnuz Vikani Msimanga wasePhendukani Full Service, odle umhlanganiso emkhakheni wobuholi ezikoleni zamabanga aphezulu, uMnuz Usiphatheleni Khanyile waseSibusisiwe Comprehensive, obashaye emkhakheni wokufundisa emabangeni aphezulu, uNkk Fiona Tooray otshengise ubuholi ezikoleni zamabanga aphansi, kwathi uNksz Sinenhlanhla Hlongwane waseShonkweni Primary, walala isibili emkhakheni wokuhola ezikoleni zamabanga aphansi. UNksz Nqobile Mlaba ofundisa eMthoqotho High, ulale isithathu emkhakheni wokufundisa iSayensi.
Kulo mcimbi kuhlonishwe neqhaza lothisha kuleli njengoba bekugujwa usuku lothisha emhlabeni jikelele.
IPhini likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile, lithe bazoqhubeka nokweseka othisha kuleli bewuhulumeni.
UMashatile uhloniphe bonke othisha ngeqhaza labo lokufukula isizwe.
“Ikusasa lezwe lilele kothisha, yingakho sizoqhubeka nokubeseka. Izwe libhekene nezinselelo eziningi, ngakho othisha yibona bantu abasekhaleni lokuthi baqinisekise ukuthi isizwe siyafunda.”
Uzwakalise ukukhathazeka ngemibiko eveza ukuthi abanye abafundi, ikakhulu emabangeni aphansi abaqondi abakufundayo.
Ubalule ukuthi izifundo ezintsha ezifana neCoding, Robotics, Data Analytics nezinye, zizosiza abafundi nezwe ekutheni lingasileli emuva.
“Siyazi ukuthi othisha kumele nabo bahambisane nokudingwa yilezi zifundo. Yingakho sinezinhlelo zokuthi baqeqeshwe ukuze bakwazi ukuzifundisa.”
Uthe kudingeka ukuthi igqanyiswe ezifundweni eyokuguquguquka kwesimo sezulu, ikakhulu emuva izinhlekelele zakamuva ezweni.