UKUNGENELA imincintiswano eyahlukene yobuciko ukuhlola ithalente nezinga asekulona kugcine kuthela izithelo kumbhali osemncane ehlabana ngoR75 000 emncintiswaneni wezincwadi zesiZulu waminyaka yonke ohlelwa yi-University of Johannesburg (UJ).
U-Ayanda Mchunu (26) waKwaSwayimane, ngaseMgungundlovu, udle umhlanganiso ngencwadi yakhe ewumdlalo esihloko sithi Angikaze Ngikubone Okunje, emncintiswaneni wezincwadi zesiZulu, i-UJ Prizes for Creative Writing in isiZulu.
Exoxa neSolezwe ngemuva kokuzwa lezi zindaba, lo mbhali oseshicilele izincwadi eziwu-11 kusukela ngo-2020, uthe ukunqoba lo mncintiswano kusho lukhulu kuyena ikakhulu ngoba uvuleleke nakubabhali asebemnkantshubomvu kunaye.
“Njengoba ngiwumbhali osafufusa kule ndima, ngihlale ngizihlola ngemincintiswano efuze lona ukubheka izinga lami ukuthi likude kangakanani manje ngakho ukunqoba kulesi sigaba kwenze ngabona ukuthi ubuciko bami buyakhula,” kusho u-Ayanda.
Ngokuhlabana kulo mncintiswano okumenyezelwe abanqobe kuwona ngoLwesine, u-Ayanda ubhincisele nxanye uMuntomuhle Mcambi wencwadi yezinkondlo ethi Ukufa Kwenono, noNtombenhle Dlamini weyezindaba ezimfishane esihloko ethi Kujiyile Kwamhlaba.
Eqhuba, u-Ayanda uthe okunye okumhlabe umxhwele ngale ncwadi anqobe ngayo, nengeyisithupha ezincwadini zakhe, wukuyibona iqhubeka yenza kahle njengoba kumanje ingenye yezincwadi ezikhona emitapweni yolwazi yakuMasipala wangakubo, uMsunduzi.
“Iyatholakala futhi emitapweni yolwazi yase-University of The Free State futhi nabantu asebeyifundile abawuvali umlomo ngesifundo esitholakala kuyona. Nakhu manje futhi isinqoba kulo mncintiswano wezincwadi ezibhalwe kahle ngesiZulu.
“Lo mklomelo uzongisiza ukuqhubeka ngithuthukise ubuciko bami, ngihlele imicimbi yokukwethula izincwadi zami ebantwini futhi ngihlela nokuthenga i-laptop ukwenza ukubhala izincwadi kube lula njengoba okwamanje ngibhala kwiselula,” usho kanje.
Ezinye izincwadi zika-Ayanda ngezithi Imfundo Ikusasa Lethu, Usuku Lomshado, Kuyosa, Imiphumela, Words of Wisdom, Akabange Esafika, On Thin Ice, Beyond The Storm, Imfihlo ne-Echoes of Courage.