IZIHLATHI zivakashela izindlebe kuMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi emuva kokuthi izinkampani ezisebenzela kulesi sifundazwe zizotshala u-R76 billion.
Lezi zindaba zivele engqungqutheleni yezinsuku ezimbili yohwebo ebihlelwe yiTrade and Investment KwaZulu-Natal, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC),eThekwini.
UZondi uthe zimnandi lezi zindaba ngoba ngeke zigcine ngokuthuthukisa umnotho kodwa zizodala nenqwaba yamathuba omsebenzi, zithuthukise nobuchwepheshe.
Izinkampani ezizibophezele ukufaka lo R76 billion emnothweni waKwaZulu-Natal zithe zizokwenza lokhu kule minyaka emibili ezayo.
Phakathi kwazo kubalwa iSappi Southern Africa, Sortor Investments, Devmco Group, P&G Construction, Toyota South Africa, Tinley Leisure, Edison Property Group, Collins Residential, Natal Portland Cement, Moolman Group, Insimbi Ridge, Richards Bay Minerals, Defy, Edstan Group neGrowth Point.
Bekukhona nenkampani ezokwakha imishini yokushaja izimoto ezihamba ngogesi ebizwa nge-Zero Carbon Charge.
“Lezi zinkampani zikhombisa ukuthi ziyasithemba futhi zizimisele ukufukula umnotho nokuthuthukisa impilo yabantu balesi sifundazwe. Impumelelo yethu izobonakala kubantu bakithi. Uma sikhuluma ngokutshalwa kwemali kufanele sikhumbule ukuthi asikhulumi nje ngemali kuphela kodwa sikhuluma ngabantu okufanele sixazulule izinselelo ababhekene nazo,” kusho uZondi.
UNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, uMnuz Parks Tau, uthe umnotho waKwaZulu-Natal ukhula kahle futhi bayaqhubeka nokweseka lesi sifundazwe bewuhulumeni kazwelonke.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe banohlelo lokuheha abatshalizimali abazoletha uguquko oluhle nempilo engcono kubantu balesi sifundazwe.
Uthe benza kube lula ukutshala imali KwaZulu-Natal ngezizinda zomnotho okubalwa iDube Trade Port esinezimboni ezitshale ngaphezu kuka-R2 billion emnothweni.