OSOMABHIZINISI bamazwe angaphandle abazinze eNingizimu Afrika, bathembisa ukunqanda izinkinga esezibadelele amazinyo abushelelezi kwizakhamisi zakuleli.
Basolwa ngokuwisa osomabhizinisi bakuleli njengoba baziwa ngokudayisa izimpahla zabo ngamanani aphansi.
Baveze ukuthi bazolungisa lesi simo ngesikhathi bekhuluma embizweni yosomabhizinisi yokugubha ukubuyisana nabakuleli ebikwaHlabisa muva nje.
UMnuz Joseph Yusuf obemele osomabhizinisi bangaphandle, uthe sekufike isikhathi sokuthi baziveze ekulekeleleni abantu basemphakathini abakuwona nabaqhuba kuwona amabhizinisi abo.
“Konke kusele kithina njengosomabhizinisi ekutheni sizisondeze kumalungu omphakathi akhombisa ukuseseka kakhulu emabhizinisini ethu. Ngikholwa ukuthi lesi sinyathelo esisithathayo sizolekelela kakhulu ekutheni sibuyisane namalungu omphakathi nosomabhizinisi bendawo. Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukufika kwethu kuleli kubamoshele ekuqhubeni amabhizinisi abo ngokukhululeka. Baphinde babone sengathi siphinde sabaphuca iqatha emlonyeni ngokuvula amabhizinisi ezweni labo. Yingakho kuyisifiso sethu ukuthi sisebenzisane nomphakathi ukuze nathi sicobelele ngolwazi lwethu engikholwa ukuthi luzolekelela kakhulu ekuthuthukiseni osomabhizinisi bendawo abasebancane,” kusho uYusuf.
Uthe ukholwa ukuthi leli gxathu lizolekelela kakhulu ekulweni nobubha entsheni eswele imisebenzi.
UNksz Ayanda Khuzwayo obengomunye wentsha ebihambele umcimbi, uthe kuyamjabulisa ukuthi osomabhizinisi basondele ezinhlelweni zabo.