KUTHELE izithelo ezinhle ukubambisana kwamaphoyisa ezinhlaka ezahlukene kubanjwa abasolwa ecaleni lokuthumba elokishini laseNanda enyakatho yeTheku. Kubanjwe abathathu ngezinsolo zokuthumba.
NgoLwesihlanu abaphenyi bophiko lwamacala ahleliwe loKlebe, iSpecial Task Force, Crime Intelligence, District Trio Task Team, Inanda Detectives nabaxhumanisi emacaleni abathunjiwe babophe abasolwa abathathu abaneminyaka engu-23 kuya ku-38.
Baboshelwe ukuthumba nokuqola.
Kubikwa ukuthi ngoLwesithathu abasolwa baya emzini wobe yisisulu oHlange eNanda, bafuna ngenkani udadewabo kamgilwa. Bamcinga indlu yonke bangamthola.
"Basuka lapho bathatha umzukulu wakhe wentombazane bazama ukuphoqa oyisisulu ukuba abhale incwadi efungelwe okumele ihanjiswe ebhange ukuze kuvulwe i-akhawunti yomunye umgilwa, ukuze kudedeleke imali engango-R765 000 ezokwazi ukungena kwi-akhawunti yabo abasolwa," kusho uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal.
Icala livulwe emaphoyiseni waseNanda, idokodo ladluliselwa koKlebe ukuze baqhubeke nophenyo.
Uphenyo lokuqala luveze ukuthi ngoJanuwari nangoMeyi kulo nyaka abasolwa bathumba futhi baqola umuntu owayesanda kuthola isinxephezelo seRoad Accident Fund.
“Abasolwa kuthiwa babesebenzisana nomuntu osebenza ebhange ukukhipha imali kwi-akhawunti yomgilwa.”
Laba basolwa bazovela eNkantolo yeMantshi eNtuzuma maduze. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.