ZIZOHOLWA ongoti izingxoxo zamaqembu ezepolitiki afuna ukuketula i-ANC.
Izolo lezinhlangano ziveze ukuthi isigcawu sawo sokucobelelana ngamaqhinga sizoholwa nguSolwazi uWilliam Gumede, waseNyuvesi iWitwatersrand, ozolekelelana nabanye ongoti.
Amaqembu ayingxenye yengxoxo iDA, IFP, ActionSA, FF Plus namanye amancane.
Kuhlelwe ukuthi izingxoxo zibe ngo-Agasti 17 -18 eKempton Park, lapho bezozama ukufinyelela esivumelwananeni sokusebenzisana.
Izolo amaqembu amemezele ukuqokwa kukaGumede esitatimendeni asikhiphe ngokubambisana.
Kumanje uGumede ucija amalungu ePhalamende asemazweni angaphansi kweCommonwealth, ekutheni akwazi ukuqapha ukusebenza kohulumeni basemazweni abo. Ubuye afundise amalungu amaPhalamende ukwenza izabelozezimali.
UGumede waziwa kakhulu ngokuxazulula izimpi emazweni ahlukene. Muva nje, ujutshwe ukuba axazulule imibhikisho eqhubeka eSwatini.
UGumede useqalile ukwenza umsebenzi wakhe wokuhola izingxoxo.
“Useqalile ukuhola imihlangano yamasonto wonke yamaqembu ayingxenye yesivumelwano. Kule mihlangano sixoxa ngokuzodingidwa esigcawini esizayo. Le mihlangano iyasiza ekutheni izinto eziningi sisheshe sivumelana ngazo ngaphambi kwesigcawu. Imisebenzi kaGumede isiqalile ukuthela izithelo ezinhle.
“Inhloso yethu ukuqhamuka nezisombululo ezinkingeni ezikhungethe izwe lethu. Izingxoxo zizosisiza ekutheni sikwazi ukucobelelana ngamasu. Izigidi zabantu bakuleli sezilahle ithemba. Isivumelwano sethu sizosiza futhi sizokwazi ukubuyisa izwe lethu emva kokhetho lwangonyaka ozayo.
Phakathi kongoti abazokwelekelela uGumede, kukhona owayeyisikhulu esiphezulu kwiCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA), uNkk Nerine Kahn, uSolwazi Uwe Jun ongumqondisi esikhungweni saseGermany, iTrier Institute for Democracy and Party Research, noqweqwe lwentatheli, uNksz Zamayirha Peter.
Amaqembu ayingxenye yezingxoxo anethemba lokuthi azokwazi ukuvumelana ngokubusa ngokubambisana ngemva kokhetho lwangonyaka ozayo. Kukhona abaqagula ukuthi iqembu elibusayo i-ANC, lingase lithole amavoti angaphansi kuka-50% okhethweni lwangonyaka ozayo.
Kepha okudala ungabazane ngokuphumelela kwalawa maqembu ukuthi amanye aphikisayo awayona ingxenye yezingxoxo.
Phakathi kwamaqembu aphikisayo angeyona ingxenye yezingxoxo kubalwa i-EFF, UDM, ATM namanye.