ONGOTI bezomthetho babona umqansa ongakhwelwa mbongolo emajajini ngodaba lowayengumengameli uJacob Zuma owacele ukuthi ashenxe uma sekulalewa udaba lwakhe ne-IEC.
Kulindeleke ukuthi iNkantolo yoMthethosisekelo ngoLwesihlanu, ilalele udaba lombango phakathi kukaZuma ne-IEC. Abe-IEC banquma ukuthi uZuma aphume ohlwini lwabaya ePhalamende ngoba walahlwa ngecala wagwetshwa.
I-IEC ikhuluma ngecala lokwedelela umyalelo wenkantolo elagweba uZuma izinyanga ezingu-15 ejele ngo-2021, lapho okwasuka khona izibhelu. Lelo cala yilona elibangwa kakhulu njengoba sekufanele aye ePhalamende, i-IEC ithi umthetho awuvumi.
UZuma walufaka enkantolo udaba wafika walunqoba kodwa abe-IEC balwedlulisela eNkantolo yoMthethosisekelo bengenelisekile. Kuthe kusalindwe ukuthi lungene, uZuma wathushuka nesicelo esingajwayelekile.
UZuma ucele ukuthi amajaji ayisithupha athatha isinqumo sokumlahla ngecala amgweba ngo-2021, awangalulaleli udaba lwe-IEC. UZuma ukhala ngokuthi lawo majaji angase angabi nobulungiswa kulolu daba.
UZuma ugagule amaJaji uMbuyiseli Madlanga, Steven Majiedt, uNonkosi Mhlanthla, uLeona Theron noZukisa Tshiqi. INhloko yamaJaji uRaymond Zondo ingelesithupha kwabacelwa ukuba bashenxe.
Ungoti wezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala wenkampani yabameli iZikalala Attorneys, uthe zihlala ziba khona izicelo kodwa lesi sehlule kakhulu.
“Izicelo zokuthi amajaji ashenxe sizejwayele kodwa hhayi amaningi kangaka, akuvamile lokhu. Kwalona uhlaka lwezomthetho kuleli indlela oluhlelwe ngayo alukaze lucabange ukuthi kuyofika isicelo salolu hlobo, sekuzosiza ukuthi babhekane naso,’’ kusho uZikalala.
Ibhentshi linamjaji angu-11 esewonke njengoba uZuma efuna kuhoxe ayisithupha nje. UZikalala uthe kungathathwa amajaji ezinkantolo ezinkulu noma eNkantolo okuDluliswa kuyo amaCala azohlalela udaba. Uthe kodwa kuyofanele kube amajaji angakaze alulalele udaba lukaZuma phambilini.
Omunye ungoti wezomthetho u-Advocate Michael Osborne obekhuluma neSABC, uthe yinkiyankiya yodaba le kaZuma.
“Wudaba oluyimpicabadala lolu ngoba okokuqala kufanele asebenze kanzima uZuma ukuveza ukuchema kwamajaji. Okwesibili kodwa wukuthi udaba lwe-IEC oluzongena enkantolo luxhumene nesigwebo sakhe esakhishwa yiyo inkantolo ezolalela udaba,’’ kusho u-Osborne.
Uthe iphuzu likaZuma elizwakalayo wukuthi ngeke inkantolo ikhiphe isinqumo bese ngelinye ilanga icelwa ukuba isicubungule isihlaziye ukuze inqume ngaso futhi.
U-Osborne uthe uma kwenzeka amajaji eshenxa kuyofanele iphini lenhloko yamajaji liqoke amajaji azobamba alalele udaba.