MCEBO MPUNGOSE
KUNGAKAPHELI nezinyanga ezimbili umphakathi waseNanda, Ntuzuma naKwaMashu uzibusise ngomcimbi ePrincess Magogo, usuphinde waba nenhlanhla yokulethelwa abaculi abanohlonze emcimbini ozobe uKwaMashu Freedom Park kwa-G ngoMgqibelo. Kulo mcimbi obizwa nge-INK Kasi Experience kuzobe kuboshelwe abanye abaculi abaphambili kuleli okubalwa kubo iDreamTeam, WTF, Duncan, Zakwe, DJ Happy Gal, DJ Le Soul, DJ Twitty nabanye.
La malokishi kade esingethe i-INK HOP Festival ngenyanga edlule eyashoda ngezethameli phezu kokuba yayinohlu lwabaculi okubalwa kubona uZakwe, AKA, Nathi Mankayi, HHP, Kwesta, Thebe, Naima Kay, DJ Zinhle, Euphonik nabanye. Lo mcimbi wacishe wabhuntsha ngenxa yesibalo esincane sabantu ababethenge amathikithi kanti kwakunezikhalo ngokuvalelwa ngaphandle kwabaculi bendawo. Kulokhu la malokishi asethole elinye ithuba lokujabulela isikhathi samaholidi ngomcimbi. Omunye wabahleli bomcimbi uNkosinathi Mdunge weLacoste Entertainment uthe benze okuhluke kakhulu ukuheha abantu ukuthi beze kulo mcimbi.
“Kumanje sisemgqigqweni wokuhambela la malokishi amathathu sicela abantu ukuthi beze ngobuningi babo. Ngaphandle kwalaba baculi abakhulu ababaliwe sivele siphethe nabaculi bendawo abasafufusa esizobanikeza ithuba lokuzazisa,” usho kanje.
Amasango azovulwa ngo-10 ekuseni kanti amathikithi omcimbi atholakala ngo-R70, awe-VIP angu-R300. Abantu bavumelekile ukuphatha ama-coolerbox neziphuzo zabo.