I-ESKOM ikweletwa uR63.2 billion womasipala bakuleli. Lokhu kwenza umsebenzi wokulungisa ingqalasizinda endala ube nzima.
Lezi zindaba zivezwe wuNgqongqoshe weziGesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa esithangamini sabezindaba izolo.
URamokgopa uveze ukuthi isikweleti somasipala siyakhula. Lokhu kwenza kuphazamiseke ukuthunyelwa kukagesi ezindaweni eziningi, abale kuzo uMasipala iDotsobotla oseNorth West.
Ubalule ukuthi omasipala basalele emuva ngo-R2.5 billion ekulungiseni ingqalasizinda kagesi njalo ngonyaka.
“Komasipala abaningi kufa ingqalasizinda, okubalwa iziphehli zikagesi nenye impahla kagesi. Omasipala sithole ukuthi bebengayilungisi ingqalasizinda yabo.
Lokhu kusho ukuthi kufanele sithathe imali esiyihlelele ezinye izinto bese silungisa ngayo ingqalasizinda,” kusho uRamokgopa.
Ukhale ngokuthi ukufa kwengqalasizinda kagesi kuholela ekutheni ezinye izinkampani zithuthe ezindaweni ezithile. Wathembisa ukuthi bazokulungisa lokhu ngoba kabafuni ukuthi kube nezindawo ezibalekelwa ngabatshalizimali.
Uthe i-Eskom izosebenzisana nenhlangano yomasipala, iSouth African Local Government Association noMnyango weziMali ukulungisa ingqalasizinda komasipala.
Wenze isibonelo sokuthi eVaal, eGauteng, kufe iziphehlimandla ezingu-680, i-Eskom isilungise awu-367, eziwu-33 kulezo sezilungisiwe zabuye zafa ngenxa yezinkinga ebeziholele ekutheni zife.
Lokhu uthe kusho ukuthi i-Eskom isebenzisa imali eningi ilungisa ingqalasizinda endaweni eyodwa.
Ugqugquzele abantu nosomabhizinisi ukuthi bakhokhele ugesi abawusebenzisayo, bayeke ukuxhuma izinyokanyoka.
Uveze ukuthi imishini efa bengalindele bayayilungisa inkinga yayo njengoba isuke ku-17 780MW yaya ku-15 000MW.
Ugesi okhona njengamanje uwu-60% noma ungaphezulu kuka-28 000MW.
Lokhu uRamokgopa uthe kuzobasiza ukuthi banqamule ugesi ngokwezigaba eziphansi.
Ubalule ukuthi okwamanje ugesi unqamuka ngokwesigaba sokuqala emini, bese unqamuka ngokwesigaba sesithathu ntambama nasebusuku.
Uveze ukuthi ukwanda kukagesi okhona kungaholela ukuthi ungahambi nhlobo emini.
Uthe bayakusheshisa ukukhanda imishini ngesikhathi esifanele njengoba besuke ku-3 000MW ngoMeyi, baya ku-2 500MW ngoJulayi kanti manje sebeku-7 66MW.
URamokgopa uthe bakhuluma nozakwabo baseNamibia ukuze babanike ugesi owu-400MW abawenza ohlelweni lwabo olubizwa ngeKudu Ggas Project.
Lo gesi balindele ukuthi unyuke ufinyelele ku-600MW ngo-2026.
Uphethe ngokuthembisa abantu bakuleli ukuthi kuningi abakwenzayo ukuqinisekisa ukuthi kuphela nya ukunqamuka kukagesi.