IKHOMISHANA yamaLungelo Abantu, iSA Human Rights Commission (SAHRC) inikeze omasipala baKwaZulu-Natal izinyanga eziwu-12 ukuba balungise ingqalasizinda yamanzi.
UKhomishana weSAHRC, uChris Nissen, uthe omasipala bakhale ngokuthi izinhlelo zobandlululo zokubeka abantu kude nengqalasizinda yamanzi yizona ezenza babe nezingqinamba ekuhlinzekeni abantu ngamanzi.
UNissen uthe akahambisani nalo mbono ngoba uhulumeni usuphathwe ngokwentando yabantu iminyaka ewu-28 ngakho akakwazi uhulumeni ukubalisa ngezinkinga zobandlululo nengqalasizinda endala eyashiywa ababephethe ngaleso sikhathi.
“Siqale uphenyo ngezinkinga zamanzi emuva kokuthola izikhalo ezingaphezu kuka-600. Omasipala babalisa ngobandlululo namanje yize uhulumeni usuphathwe ngokwentando yabantu iminyaka ewu-28. Umbuzo uthi bahlaleleni bengayilungisi ingqalasizinda yonke le minyaka ngoba bayayibona ukuthi indala. Kuyacaca ukuthi kukwamachanca komasipala baKwaZulu-Natal,” kusho uNissen.
Uthe abantu bebekhala ngokungabi namanzi ahlanzekile noma amanzi nje okuphuza izinsuku eziyisikhombisa, izinyanga ezimbalwa noma iminyaka.
Uveze ukuthi ukungabibikho kwamanzi kubeka abesifazane nezingane engozini njengoba behamba amabanga amade beyofuna amanzi.
UKhomishana Philile Ntuli weSAHRC KwaZulu-Natal, uthe inkinga enkulu wukuthi omasipala abawulandeli umyalelo wokuthi kufanele balungise ingqalasizinda yamanzi, uma ephelile amanzi akuthunyelwa amaloli amanzi azokwanela bonke abantu.
Uveze ukuthi nawo amaloli athumela amanzi ebantwini asesetshenziswa ngosomathuba ukwenza imali esheshayo.
ISAHRC iphakamise ukuthi uMnyango waManzi neNhlanzeko uqaphe omasipala ngeso lokhozi ukuqinisekisa ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile nsukuzonke ngoba ukungafinyeleli kwamanzi ahlanzekile ebantwini wukwephula ilungelo labo.
Iphakamise ukuthi kufanele kulungiswe ingqalasizinda yamanzi futhi ilindele ukubikelwa ngomsebenzi osuwenziwe ezinyangeni eziwu-12.
Kugqugquzelwe omasipala ukuthi bafake izicelo zoxhaso lokulungisa ingqalasizinda kuhulumeni.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uyalelwe ukuthi ufake omasipala abangathumeli amanzi ebantwini ngaphansi kweso lomlawuli futhi uma kufe ingqalasizinda yamanzi ebucayi umemezele isimo senhlekelele ukuze kusheshe kuphume imali yokuyilungisa.
Uyalelwe ukuba uqaphe omasipala ngeso lokhozi ukuthi bayayilungisa ingqalasizinda nokuthi ubike ngakho konke osekwenziwe ezinyangeni eziwu-12.
IsiShayamthetho kuthiwe sihlulekile ukwenza umsebenzi waso wokuqinisekisa ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile.
Siyalelwe ukuthi siyeke ukulala sihambe siyobheka umsebenzi wokulungiswa kwengqalasizinda yamanzi komasipala futhi siqinisekise ukuthi iziphakamiso zeSAHRC ziyenzeka.