INKAMPANI ephehla ugesi kuleli i-Eskom ithi zihamba kahle izinhlelo zokushintsha izinto kule nkampani njengoba sekuphele izinsuku eziwu-150 ugesi ungacimi ezweni.
Iveze ukuthi namuhla izoba nesithangami sabezindaba ukuchaza kabanzi ngezinhlelo zayo zokuqinisekisa ukuthi lesi simo siyaqhubeka.
Ukungacimi kukagesi kusho ukuthi isiyonge u-R10.60 billion kudizili njengoba ingakhanyisi imishini esetshenziswa ezimweni eziphuthumayo.
Ithe iziteshi ezenza kahle yiKusile, Kendal, Majuba neLethabo kanti ezinye nazo zihlale zinogesi owu-70%.
Ugesi ongekho njengamanje uphakathi kuka-9 800MW no-10 482MW.
Ugesi okhona uwu-31 963MW kanti odingwa ngabantu uwu-26 420MW.
Abophiko lwezokuxhumana e-Eskom bathe ngesikhathi ithimba lale nkampani lenza izinhlelo zasebusika lalilindele ukuthi okungenani ugesi uzocinywa ngokwesigaba sesibili. Lalizitshela ukuthi kuzoba nogesi owu-15 500MW kusukela ngo-Ephreli 26 kuze kuphele ubusika kodwa izinhlelo zokulungisa ingqalasizinda ziye zashintsha isimo.
Bathe namuhla i-Eskom izokhipha izinhlelo zasehlobo zikagesi ezizoqala kuSepthemba 1 kuze kube wuMashi 31 wonyaka ozayo.
Yize ugesi ungacimi ngokohlelo lokunqamula ugesi kodwa uyacinywa ukuvikela ingqalasizinda okungama-transformer (imishini yokuphehla ugesi). Ugesi ucima lapho bebaningi abantu abadinga ugesi njengoba ingqalasizinda yakhelwe ukuhlinzeka isibalo esithile ngogesi. Lolu hlelo lubizwa nge-load reduction.
Kugqugquzelwe abantu ukuba babike abaxhuma ugesi wezinyokanyoka ukuze kuvikelwe ama-transformer. Bangabika ngokushayela u-0800 112 722 naku-WhatAspp: 081 333 3323.