OWESIFAZANE waKwaNdengezi, ePinetown, uNksz Nonhlanhla Sibisi, uthukuthele uyaveva ngokuhlehla kwecala elivulelwe uyise wengane yakhe, uMnuz Siyabonga Shezi (29).
Icala lokubulala elibhekene noShezi lihlehliselwe uJanuwari 31 ngonyaka ozayo. UNksz Sibisi (27) uthe usecabanga nokuzibulala ngoba kuyamhlukumeza ukulokhu ebona umuntu amsola ngokubulala indodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye, uSfundo Sibisi, ngesihluku.
Uthe usegqigqe eNkantolo yeMantshi yasePinetown kusukela ngoJanuwari kwaze kwaba wuDisemba, kulokhu kugidwa esicelweni sikamsolwa sokudedelwa ngebheyili.
"Kufanele ngabe kade leli cala laqulwa laphela ngoba liyangihlukumeza mina. Ngikhathele ukubonana nobuso bomuntu owangibulalela ingane. Ukulokhu kukhulunywa ngomntanami engasekho nakho kuyangihlukumeza kakhulu ngoba angikapholi. Sengize ngicabange nokuzibulala ukuze ngithole ukuphumula emoyeni," kubalisa uNksz Sibisi.
Uthe leli cala liyamphundla nasezimalini njengoba kufanele angayi etohweni alibambayo uma kuwusuku lwecala.
UNksz Sibisi usola uShezi ngokubulala ngesihluku uSfundo Shezi ngoba efuna ukuqaqa yena. Eqhuba, uthe kwakunguJanuwari 13 kulo nyaka ngesikhathi uShezi ethatha indodana yabo lapho ayeyishiye khona kwamakhelwane, wayoyiklinya ehlathini ngentambo yesikhindi eyayisigqokile.
"Ngafonelwa nguyise wengane engitshela ukuthi angiphuthume ngilande isidumbu sayo ehlathini singaze sidliwe yizilwane zasendle. Ngathi uma ngimbuza ukuthi ukwenzeleni lokhu, wathi ubengiqaqa, efuna ukungizwisa ubuhlungu engingasoze ngabulibala impilo yami yonke."
UNksz Sibisi uthe ingane yakhe yaficwa iklinywe ngentambo yesikhindi eyayisigqokile, ilele ngendlela eyayikhombisa ukuthi ize yaphuma umphefumulo ipaquza. Uthe kwenzeka lokhu nje ubevele engasathandani noyise wengane ngoba ubemhlukumeza futhi kunezincwadi zesivimbelo anazo. UNksz Sibisi uthe bebebanga ukuthi umsolwa ubefuna amnikeze ingane ahlale nayo ukuze kubo bamnikeze indlu yomxhaso.
"Mina bengithi akayokhokha kuqala ekhaya ngoba akakaze wayihlawula futhi ubengayondli. Phezu kwalokho, bengingeke ngimnikeze ingane yami ngoba ubezoyihluphekisa njengoba ayengasahlali kubo njengoba abaleka kubo emuva kokugwaza umfana wasendaweni."
Unxuse ukuba iNkantolo yeMantshi yasePinetown ukuba ize ingalokothi imnikeze ibheyili noma imdedele ngoba uyingozi emphakathini nakuye.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, wasiqinisekisa lesi sigameko.