OKHALE ngaphansi embangweni wokuhola i-DA kuzwelonke uDkt Mpho Phalatse, uthe ngeke alilaxaze leli qembu.
UDkt Phalatse uthe uzoqhubeka asebenzisane nomholi okhuza ibuya ekuholeni leli qembu uMnuz John Steenhuisen ekukhuliseni leli qembu.
Ekhuluma nabezindaba izolo emuva kokumenyezelwa kwemiphumela eGallagher Convention Centre eMidrand eGauteng, uthe ngeke afane nabanye abaholi abalaxaza leli qembu ngoba bengakhethwanga.
Uthe akayi kwi-Action SA noma ehluliwe.
“Angiyi ndawo, anginaso isikhathi sokudlala. Amalungu e-DA uma evota, awabuki ngeso lobuhlanga, abuka amava omuntu bese emvotela.”
Ngala mazwi uDkt Phalatse uphendule ngawo abezindaba emuva kokukhala kwabathize ukuthi leli qembu lishiya ngaphandle abohlanga.
“Engqungqutheleni ezayo uma nginikwa ithuba, ngizowungenela umbango wokuhola leli qembu ngoba ngikholelwa ukuthi kumele libe nobuholi obuqinile.
“I-DA ikhaya lami, angiyi ndawo kulona. Kudingeka sikhulise i-DA kodwa siphinde sixwayise abantu ngokuthi kungase kwenzakaleni uma ngase kube nohulumeni wokubambisana phakathi kwe-ANC ne-EFF kuleli ngo-2024,” kusho uDkt Phalatse.
Enkulumeni kaSteenhuisen yokwamukelwa ukuqokwa, ugxile kakhulu ekutheni kumele ivinjwe eyokuthi kube nohulumeni we-ANC ne-EFF ezweni.
Ubelokhu eyiphindaphinda eyokuthi kumele kwehliswe ukwesekwa kwe-ANC kuleli.
“Ayakhula amathuba okuthi kube nohulumeni phakathi kwe-ANC ne-EFF emuva kokhetho lwangonyaka ozayo.
“Kumele sibhukule singakuvumi ukuthi kube nalobu budlelwano. La maqembu azocekela phansi izwe uma ephatha, kuyoba wukuphela kwalo,” kusho uMnuz Steenhuisen.
Uthe uma kwenzeka lawa maqembu ewina, kuyoshiya abantu bakuleli befana nabaseZimbabwe, behlupheka.
Uqhubeke kanje: “Yingakho kudingeka siphume sonke siyolwa ukuthi kungabikhona ukusebenzisana kwe-ANC ne-EFF.
“I-EFF yisitha sethu, kuyodliwa umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, kwehle ukwesekwa ngamanye amazwe, kuwe amabhizinisi kuphinde kube nempi yobuhlanga.”
Uthe le mpi akuseyona eyepolitiki phakathi kwe-DA nesitha sabo sokuqala okungumholi we-EFF uMnuz Julius Malema.
“Manje sekumayelana nokuvikela intando yeningi nezwe. Sizoqeda indaba yokucinywa kukagesi, sehlise nezinga lokungasebenzi kuleli, ” kuphetha umholi omusha bwe-DA.
UNkk Helen Zille obuyiswe ngaphandle kokuphikiswa kwesikaSihlalo weFederal Council, uthe babhekene nomsebenzi onzima, odinga uwonke wonke njengoba befuna ukuhlenga izwe.
“Ngeke kube nozinzo uma emaningi amaqembu abambisene kuhulumeni. Kulele kubavoti ukuthi bakhetha kanjani.”
Ukuchithile ukuthi bakhetha ngokwebala abaholi.