INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu imgidlabeze odilikajele ababili neminyaka engu-10 ngaphezulu owesilisa owagwaza wabulala unina wezingane zakhe ezimbili abase behlukene naye eSweetwaters, eMgungundlovu.
NgoKhisimusi ka-2021 kuthiwa uNkosinathi “Nkosi” Mlambo (39) wabulala uNksz Nomvula Ndlovu nowayeyisoka lakhe elisha, uZethembe Makhathini.
Kubikwa ukuthi ebusuku uMlambo wagqekeza endlini kaMakhathini owayelele noNksz Ndlovu wababhokoda ngommese.
Kuthiwa wagwaza uNksz Ndlovu amanxeba angu-17, wadlulela kuMakhathini wamgwaza kabili emqaleni bashonela endaweni yesehlakalo wase eyabaleka.
Kuvela ukuthi uMlambo waboshwa esethaveni emuva kwezinyanga ezintathu kwenzeke isehlakalo.
Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uMlambo ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye lokubulala neminyaka engu-10 ngokugqekeza ngenhloso yokubulala.
Ulandise wathi ngaphambi kokuthi kwenzeke lo mshophi, uMlambo wayesebudlelwaneni bezothando noNksz Ndlovu futhi benezingane ezimbili.
Uqhube wathi ekuhambeni kwesikhathi ubudlelwano baba muncu kangangoba uNksz Ndlovu wagcina emala uMlambo wase ethandana noMakhathini.
“NgoKhisimusi ngo-2021 uMlambo wavakashela izingane zakhe kwaNdlovu endaweni okuthiwa kuseZinketheni, eMgungundlovu. Kwakukhona nabanye abantu endlini kuhlanganisa noMakhathini. UMlambo waphoqa uNksz Ndlovu ukuthi babuyelane kodwa wenqaba,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Kuthiwa wabe esethukuthela eveva uMlambo owayehlome ngemimese emibili, wasabisa ukugwaza uMakhathini ayemsola ngokuthi umthathele unina wezingane zakhe.
INPA ithi ababekhona endlini bakwazi ukulamula, baphuca uMlambo imimese kodwa waphoqa ukuthi abuyiselwe yona wase eyahamba wayophuza utshwala ethaveni.
Kubikwa ukuthi uMakhathini wagoduka noNksz Ndlovu baya kwakhe khona endaweni kanti ngalobo busuku uMlambo uzobagqekezela, wabafica belele wase eyababulala.
INPA ithi uMshushisi, u-Advocate Mbongeni Chamane, usebenzise ubufakazi babantu ababili uMlambo agonyuluka kubona ngokubulala laba ababili.
Inkantolo iphinde yafundelwa izitatimende ezimbili ezenziwe odadewabo bakaNksz Ndlovu nokaMakhathini ebezichaza ngobunzima obalethwa ukubulawa kwezihlobo zabo ngesihluku.