SESIPHELILE isikhathi sokuthi abafundi baka-matric baye emicimbini nokuthi balibale yizinkundla zokuxhumana, isikhathi esikhona manje esokuthi bazilungiselele izivivinyo zabo.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, usho lokhu emcimbini obuseMnambithi, ngesikhathi ekhuthaza abafundi abafunda u-matric bakulesi sifundazwe, ebakhumbuza ukuthi izinsuku esezisele ngaphambi kokuthi kuqale izivivinyo zingaphansi kuka-50.
Uthe uyazi ukuthi abafundi bayathanda ukuya emaphathini, ukubhala ezinkundleni zokuxhumana, ukubuka iTV kodwa ufisa ukuthi bake bathi ukuma kulezi zinto, isikhathi abanaso basisebenzisele ukuzikhumbuza ngomsebenzi wezikole.
"Ngiyazi ukuthi kwabanye kunzima ukuthi bacabange ngekusasa elingukuya emanyuvesi ngenxa yesimo sasemakhaya kodwa kuyenzeka ngoba kunesikhwama esixhasa abafundi ngemali yokufunda sikahulumeni. Okwakho wena mfundi ukuthi uphase ngamamaki adingekayo ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuze uthole uxhaso," kusho ungqongqoshe.
Unxuse umphakathi ukuthi uma unenkinga yamanzi kule ndawo ungabaphazamisi abafundi, uqondane nomasipala okuyibo abaphakela umphakathi ngamanzi.
"Bazali siyacela ukuthi ninciphise imisebenzi eyenziwa ngabafundi emakhaya ukuze bakwazi ukuba nesikhathi esenele sezincwadi zabo.
Inhloko yomnyango, uMnuz Nkosinathi Ngcobo, uthe ukube bekuya ngokwabo abafundi ba-matric bebezophasa bonke kodwa banethemba ngoba afundi abafunda u-matric kulo nyaka bafunde uGrade R okusho ukuthi bathole isisekelo esihle semfundo.
UMnuz Mandla Habebe weNatu kule ndawo, uthe ikilasi lika-matric lanyakenye liphase ngo-83%, ngakho elalo nyaka balindele ukuthi liphase ngaphezu kwalokho.
"U-matric wakulo nyaka unomthwalo wokwenza kangcono kunowanyakenye. Uma nehlulekile ukwenza lokho okungenani nibuyele enambeni efanayo nale eyenziwe u-matric wanyakenye, hhayi ngaphansi. Othisha bakhona bazimisele ukunisiza," kusho uHadebe.
UMnuz Mncedisi Mbongwa weSadtu, uthe lesi isikhathi esinzima kakhulu kubafundi matric kodwa okubalulekile ukuthi isikhathi esesisele basisebenzise kahle.
"Ningafundi kuze kweqe umqondo, awufuni ukuthi ukuwufake yonke into ngesikhathi esisodwa. Zinikeni isikhathi sokuphumula nifundele ukuqonda, nakanjani nizophumelela,“ kweluleka uMbongwa.