INTOKAZI edle umhlanganiso emncintiswaneni oqhakambisa ukuziphatha kahle nokuzigqaja ngamasiko nesintu, Indoni Mr & Miss Cultural SA 2022/23, ithi izimisele ngokukhuthaza isizwe samaMpondo ukuzigqaja ngobuwona.
Lowo nguSmangele Kitana (20) waKwaMpisi, eMbizana, e-Eastern Cape, odle umhlanganiso ezintokazini ebezimele izizwe ezahlukene zakuleli, waba wuMiss Cultural 2022/23 emcimbini obuse-ICC,eThekwini, ngoLwesihlanu ebusuku.
USmangele exoxa neSolezwe izolo, uthe ukunqoba umncintiswano weNdoni kufane nokufezeka kwephupho leminyaka kuyena, ikakhulu ngoba bese kuyisikhathieside efisa ukuwungenela kodwa evinjwa wukungayazi imigudu elandelwayo ukuze awungenele.
“Kungijabulise kakhulu ukunqoba ngoba kuzongibeka ethubeni elihle lokusebenzisa ulwazi engiluthole emncintiswaneni ukuqhubeka nokukhuthaza abantu bakithi ukuzigqaja nokuziqhenya ngokuba ngamaMpondo.
“Lokho ngizokwenza ngoba iningi labo alikukhathaleli ukuzifundisa ngomlando wethu, ukuthi siqhamuka kuphi nokuthi sihluke ngani emaXhoseni - okuyisizwe esihlobene kakhulu naso, kangangokuthi kunabangawazi umehluko phakathi kwethu nabo. Mina ngizimisele ngokushintsha konke lokho kusuka manje,” kuchaza uSmangele.
Le ntokazi ephothule u-matric e-Executive Academy, eDutywa nyakenye ithe isihlalele ethembeni lokwamukelwa emanyuvesi efake kuwo izicelo zokufunda ngonyaka ozayo, ukuze iqhubeke nezifundo zobuciko.
“Imfundo ibaluleke kakhulu ngakho njengamatshitshi akumele siqhakambise ubutshitshi bethu kuphela, kepha asizicije nangolwazi lwemfundo nezinto eziphathekayo esizohlomela ngazo ikusasa,” kukhuthaza uSmangele.