ISILO uMisuzulu kaZwelithini sithi asizikhethanga ukuthatha isihlalo sikayise kodwa sikhonjwe yisandla somlando futhi lokhu kwenzeke ngesikhathi sezinselelo ezinzima. OkaNdaba ubekhuluma enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini eqeda ukwemukala isitifiketi sobukhosi.
OkaBhejane wemukele isitifiketi kuMengameli Cyril Ramaphosa.
UBayede ukhuluma kanjena nje, uthathe isihlalo kunomdonsiswano abakwabo bala ukhasha bethi asimfanele. Bekuphume nesinedolo izintombi, amabutho nomama befuna ukuzoba wofakazi kwingqophamlando.
UNomthebe wesizwe uthe uhlalelwe wumqansa onganyukwa mbongolo njengoba ethatha isihlalo sobukhosi. Uthe uyaziqonda zonke izinselelo kodwa naye ungangazo.
“Isandla somlando yisona esingikhombile ngalesi sikhathi esinezinselelo eziningi kodwa angesabi lutho ngoba uhambo ngeke ngiluhambe ngedwa. Ngiyazi niyangeseka futhi kudala ningeseka,’’ kusho uBayede. Uthe uyakhumbula ukuthi wenza isethembiso kuZulu wonke futhi usamile kusona.
“Ngesikhathi ngingeniswa esibayeni KwaKhangelamankengane ngathembisa ukuthi ngizoba qotho kini, namanje ngisathembisa ukuthi ngizosebenzela nina,’’ kuchaza okaNdaba enanelwa ngamabutho ekhuleka ngoBayede.
INdlulamithi iqhubekile yethembisa ukusebenza kahle ngesikhathi ithatha isifungo yaze yasayina phansi kwaduma ihlombe enkundleni.
URamaphosa ngaphambi kokwethula isitifiketi seSilo, uqale wakhuluma kabanzi ngobukhosi bukaZulu wathi bunomlando onothile kufanele buvikelwe.
Umcimbi ubuthanyelwe yinkosi yaseSwatini uMakhosetive Dlamini uMswati III, uthe ukukhishwa kwesitifiketi kusho ukuthi ziphelile izinkulumo.
‘’Siyazi ukuthi abantu bahlala bethanda ukuzama inhlanhla nje kodwa umcimbi wanamuhla boMageba, usho ukuthi kuphelile konke lokho manje. Inkosi isibekiwe wonke umuntu ubonile,’’ kusho inkosi uMswati. Inkosi yaMaswati ibihamba namabutho ayo nezintombi bevunule beconsa.
Omunye obeke amazwi wuNdunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ofisele iSilo okuhle kodwa. Uthe kuwumlando ukuthi uZulu ubeka esihlalweni iSilo sesishiyagalolunye selokhu kwaba khona ubukhosi bukaZulu.
Emuva komcimbi abantu bazitike ngedili lomculo kudlala amaciko ehlukene enkundleni.