UNOBHALA we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe ngeke besazama ukuncenga loyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ukuba abuyele kwi-ANC.
UMtolo uveze ukuthi uZuma, okhankasela iqembu elisha lezepolitiki, uMkhonto weSizwe, wabachayisa ngesikhathi bezama ukukhuluma naye.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo.
UMtolo uthe kwahlula ngisho sebethumela abaholi abasondele noZuma, okukhona kubo uMfu Vusi Dube, kwaba nhlanga zimuka nomoya.
“Ngaze ngathumela usihlalo we-ANC kwisifunda iMusa Dladla uCebekhulu (uMnuz Musa), ngathi akaye emzini kaZuma. Nempela uCebekhulu waziyela mathupha emzini kaZuma. Wafike watshelwa ukuthi uZuma akekho kodwa zonke izimoto zoMbuso ahamba ngazo zazikhona. Ngakho ke sithi uZuma akeze neqembu lakhe, sizohlangana phambili.”
UMtolo uthe abamsabi uZuma.
“Okumnandi ukuthi onke la maqembu amasha asungulwe abantu abanogcobho. Akufani neCOPE (eyahlubuka kwi-ANC ngo-2008) eyayisungulwe abantu abangakaze basolwe enkohlakalweni.”
UMtolo uveze ukuthi azobizelwa phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe amakhansela e-ANC okusolwa ukuthi azibandakanya noMkhonto weSizwe.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC KwaZulu-Natal.
UMtolo uthe angeke bawadalule amagama ala makhansela ngoba awakabhalelwa izincwadi eziwabizela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.
“Sizowabhalela izincwadi, siwanikeze ithuba lokuziphendulela. Onke amalungu e-ANC abambe iqhaza kwezinye izinhlangano zepolitiki, ubulungu bawo buzomiswa bese ethathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe. Bonke abamele i-ANC abazosula emsebenzini wabo ngaphandle kokuthola imvume kwi-ANC bazomiswa bese beqondiswa ubugwegwe. Lokhu sizokwenza ngokulandela imigudu efanele.”
UMtolo uthe bazokhishwa ohlwini lwamalungu e-ANC bonke abazibandakanye namanye amaqembu ezepolitiki, wathi bazozisola uma izinto zingasahambi kahle kula maqembu abazibandakanya nawo.
“Sizoqoqa amagama abo bonke labo abazibandakanya namanye amaqembu ezepolitiki bese beyakhishwa ohlwini lwamalungu e-ANC. Siyazi ukuthi emva kokhetho bazofuna ukubuya uma usucishile lo mlilo wamaphepha abazama ukuwubasa. Bazofica umlilo wethu usavutha ngapha kwi-ANC, bese siyabatshela ukuthi abaqhubeke nomlilo wabo wamaphepha.”
Ngesonto eledlule, i-ANC ibiphume umkhankaso wokuxoxa namalungu ayo kuzo zonke izifunda zaKwaZulu-Natal.
UMtolo uthe baxoxe namalungu angaphezu kuka-50 000, wathi onke athe asathembekile kwi-ANC.