IPOSTBANK isigqugquzele abahola izibonelelo zikahulumeni ukuthi bangayi ukuyobheka imali yabo emaposini aKwaZulu-Natal ngoba amaningi akanayo imali eyanele.
Kuthiwe abantu bazothola izibonelelo zabo emishinini yokukhipha imali yasemabhange, noma ezitolo zokudla okuyiBoxer, Pick n Pay, Spar, Shoprite nase-Usave.
Esitatimendnei esithunyelwe kwabezindaba, uMnuz Bongani Diako okhulumela iPostbank, uthe ayikho imali eyanele emaposini aKwaZulu-Natal ngenxa yokuthi izimoto ezihambisa imali zibambezelekile.
Uthe amaposi azobe evuliwe ukusiza abasebenzisa amakhasi eSassa ukulungisa izindaba zezinamba eziyimfihlo zokukhipha imali kodwa ngeke bakwazi ukuholelwa izibonelelo zabo ePosini namuhla.
UNksz Sandy Godlwana obhekele ezokuxhumana nokukhangisa eSouth African Social Security Agency (Sassa) KwaZulu-Natal, uthe abantu bazoyithola ezitolo nasemishinini yokukhipha imali yempesheni yabo njengoba kuwusuku lokuqala lokuhola izibonelelo zikahulumeni kule nyanga.
Uthe abasePostbank bababikele ukuthi imali iyashoda ngakubona, ngakho abantu abanamakhadi eSassa bangayii ePosini kodwa bayohola ezitolo nasemishinini yokukhipha imali.
Abasebenzisa iMzansi account noma Mzansi card bangaya emaposini ngoba imali bazoyithola khona.