Mengameli ohloniphekileyo,
LESI yisikhathi esibi sokukufuqa ngencwadi yalolu hlobo ngoba ziningi izimbangi zakho epolitikini ezikucijela izimbaxa njengoba kuza ukhetho. Asikho lapho, Mhlonishwa.
Sibhala ngoba siphoqwa yisimo esimanzonzo njengoba uzokhuluma nesizwe namhlanje. Siyabanxusa abasesithenjini nawe kwezombusazwe ukuba bangalokothi bagiye ngalo mkhuleko esiwubhekise kuwe Mengameli namuhla. Okuningi koniwa ukuthi emdlalweni wenu wepolitiki thina bantukazana asibe sisacosha nemvuthuluka nje, senigwavume nesithebe sonke.
Mengameli, akuyona imfihlo ukuthi utwayi lobuphofu lugubuzele isizwe: Ugesi ugqamucishi, amatoho abasemzini, imfene igijima emini ngobugebengu, eyenkohlakalo yona isiphenduke ihlaya. Kodwa okusibindayo nesingakwazi ukwenza uteku ngakho, amanzi.
Mhlonishwa, nali ichilo ezandleni zenu. Abantu bomile. Kuwo wonke umonakalo osuwenzekile - kusukela ekuntengeni komnotho kuya ekungasebenzini ngendlela komthetho ezweni - abukho ubudlabha osebenziwe ohulumeni benu obudlula ukungaphakelwa kwabantu amanzi ahlanzekile.
Besisazi sonke isishiphi esashiywa yinkohlakalo kahulumeni wobandlululo. Ebesingakwazi ukuthi singathelwa ngeguncu abakwethu esacindezelwa nabo embusweni wamaBhunu. AmaBhunu asincisha amanzi esitshela emibonjeni ukuthi siyizilwanyana. Ayesinyanya futhi awakufihlanga lokho nangemithetho ayibeka. Kwakumuncu, kwaliwa naleyo ngcindezelo egameni lokuthi ukukhululeka epolitikini kuyosenza abantu. Sasingazi, Mhlonishwa, ukuthi siyogcina sikhalela imvelo - amanzi.
Mengameli, sicela amanzi. Sicela ukuzwa izinyathelo ezicacile zokuthi le mbedumehlwana yezinkinga zamanzi eThekwini izolunga nini. UNgqongqoshe wakho uqobo, uMnuz Senzo Mchunu, wahamba kuleli dolobha ethwele izandla ekhanda ngencithakalo esidaleke ezandleni zeziphathimandla ezithunywe uhulumeni owuholayo, Mhlonishwa.
Zayenza indaba izikhukhula, yebo. Sekuyiwona mpheme wokuphephela uma abantu - baseMlazi, eNtshanga, eDassenhoek, eVerulam, KwaMashu, eNanda, nakuzo zonke izindawo ezakhele lo masipala - bekhala ngokungaphakelwa amanzi. Kwamaloli lawo ake aphuthumise amanzi emiphakathini ashoda kuyo kufana nomdlalo nje.
Utalatiya lwakamuva luthi izinkulungwane zezakhamuzi zijamelene noMasipala bazo ngezikweletu zamanzi esezenyuke zibangisana nentabakazi i-Mount Everest.
Mengameli, Somile. Siphe amanzi. Kuyinganekwane lokhu kwamapayipi nengqalasizinda egugile. Sizomila izimpondo uma nisitshela ngakho. Kanjani nje ngoba kunongoti abacosha eyesabekayo imiholo inyanga nenyanga? Kanjani manje ngoba unyaka nonyaka omengameli bama phambi kwethu, njengoba uzokwenza namhlanje kusihlwa, besitshela ngokuthi bahlele imali engakanani ukulungisa ingqalasizinda yezwe? Kungani, Mhlonishwa, abantu benziwa izimfaduko zokushukusha imilomo yenu uma senidlile?
Mengameli, senza isibonelo ngeTheku. Iningi lohulumeni basekhaya, omasipala, kuleli zwe oliphethe lisenkingeni yamanzi. Awekho. Ayaphela angabikhona izinsuku, amasonto, izinyanga, kwabanye usuke uxoxa inganekwane uma ukhuluma ngamanzi ahlanzekile. Selokhu bawabanga nezinkomo kusukela ngezikhathi zengcindezelo. Uyazi kusho ukuthini lokho, Mhlonishwa othandekayo? Kusho ukuthi uma uthinta eyokukhululeka kulowo muntu usuke uzeka insumansumane.
Uyinhloko yezwe, Mhlonishwa, sicela amanzi. Somile. Nxa sigezile, sigeza ngokuncikiselwa ngoba uma ugeje kusekhona iconsi ugcina ulale ungagezile sekunqamuke kwalokho obekukhona. Kungani, Mengameli, lo hulumeni okhethwe yithi usiphendule amadixa ngokusincisha amanzi? Akuwasheki amanzi engekho.
NgokoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, bonke abantu banelungelo lokuthola amanzi ahlanzekile. Muva nje sekuyiphupho ukuthola amanzi ahlanzekile njengoba eselethwa ngamaloli yize amadamu egcwele phama futhi nezikhungo eziwadayisela omasipala zikubeka kucace ukuthi amanzi akhona.
Besicela Mengameli ukuthi kuzona zonke izinto esifuna usenzele zona, uqikelele ukuthi usipha amanzi ahlanzekile.
Selokhu izwe labuswa ngentando yabantu uhulumeni ubematasa efaka ompompi ngesithembiso sokuthi abantu bazothola amanzi ahlanzekile. Okwenzekayo kuphambene nesethembiso sikahulumeni njengoba ompompi bomile, cishe futhi bonke omasipala bakhala ngamapayipi avuzayo.
NgoSepthemba wonyaka odlule iKhomishini yamaLungelo Abantu, iSouth African Human Rights Commission, ithole ukuthi omasipala baKwaZulu-Natal bayahluleka ukuhlinzeka abantu ngamanzi ahlanzekile. Uyakwazi lokhu Mhlonishwa.
KwaMashu abantu sebelala bebeke amabhakede kompompi njengoba ebuya ngo-12 ebusuku aphinde ahambe izinsuku. ENgonyameni amanzi awasaziwa njengoba abantu bakhona behlala izinyanga bengenawo. Ezindaweni zasemakhaya, ayikhulunywa eyakhona. Abantu kuphela izinyanga amanzi bengenawo.
Kudingeka bakhankase ukuthi uma kwenzeka ephuma, ngelanga okusuke kungaziwa ukuthi aphuma nini bakanise noJojo ukuze bawagcwalise, kugcina sekuthola ingcosana ngoba abanye amanzi awafinyeleli kubona.
Siza abantu, Mengameli. Sivele silulazekile ngokuthi iningi labakithi likleliswa mihla liyomukeliswa isibonelelo sikahulumeni. Ububha yiwona mdlavuza oququda abantu kule minyaka. Kodwa, sicela ukungancishwa amanzi.
Le ncwadi ihlanganiswe izintatheli zaleli phephandaba ngokukhathazeka, Mengameli, ngoba abantu abaningi bafikela kithi bezokhala ngokungafiki nokunqanyulelwa amanzi. Nakhona lapha phakathi kwethu, iningi alisawazi amanzi, kodwa izikweletu ziqonga ziqongile.
Mengameli, sicela amanzi.