IVUKUZE amakhosi nezinduna zamabutho eyokuphucwa kukaNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, umbhobho ngesikhathi ethula iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, emcimbini wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
Amakhosi asebize umhlangano ophuthumayo kanti nabadidiyeli bamabutho babize isithangami nabezindaba lapho bezophefumula khona ngalesi sigameko esenzeka phambi kukaMengameli, uCyril Ramaphosa.
UButhelezi, uphucwe umbhobho uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, uMnuz Siboniso Duma, owayephethe uhlelo emcimbini owawukwaCeza, ngoMgqibelo.
Amakhosi azohlangana esiShayamthetho esidala, oNdini, kusasa.
Iphini likandunankulu kaZulu, inkosi Phathisizwe Chiliza, lithe kwabashaqisa okwenzeka phambi kweSilo noRamaphosa.
“Kuyishwa, kuyichilo, kungamanyala, ukuthi phambi kweNgonyama, uNomthebe wesizwe, kwenzeke into enje. Isigungu esiphezulu endlini yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal sinqume ukuthi kubizwe umhlangano ophuthumayo ukuze le ndaba ixoxwe ngokujulile. Sizobheka zonke izinhlangothi. Kufanele zonke izinhlaka zikhunjuzwe ngesigaba sokuhlonipha uma siphambi kukaNomthebe wesizwe.”
Isigameko sesidale itwetwe lokuthi kungase kuqubuke udlame lwezepolitiki KwaZulu-Natal njengoba kugcine kulimala amalungu e-ANC angu-16.
UChiliza ukhuze ukuchitheka kwegazi KwaZulu-Natal.
“Sinxusa abaholi bezepolitiki ukuba baqaphele into abayikhulumayo, bangaphehli udlame. Akufanele abantu baze bagcine sebethatha izinqumo ezingalungile, ezizosibuyisela emumva. Sinxusa bonke abantu ukuthi behlise amaphaphu.”
Izinduna zamabutho zizoba nesithangami nabezindaba, eThekwini, namhlanje.
Kunamahlebezi okuthi kukhona amabutho afuna uDuma angabe esavunyelwa emicimbini yasendlunkulu.
Unobhala wezinduna zesiFunda iZululand, uMnuz Muzi Nyandeni uvumile ukuthi sibacikile isenzo sikaDuma kodwa wangafuna ukuphumela obala ngodaba lokuthi kukhona amabutho afuna ukuthi uDuma avalwe endlunkulu.
“Okuningi sizokukhuluma kusasa (namhlanje). Engingakutshela khona ukuthi izinduna namabutho abeneme ngalokhu okwenziwe uDuma, kokungahloniphi Ingonyama. Wakhombisa ukuba luhlaza cwe.”
Umdidiyeli wamabutho esiFundeni iKing Cetshwayo, uMnuz Zakheleni Xulu, uthe ukuhlaselwa kwabantu emcimbini kuthunaza isithunzi samabutho njengoba kukhona izinsolo zokuthi abalimala bashaywa yiwo.
“Sikhathele udlame lwezepolitiki KwaZulu-Natal. Kufanele ikhuzwe le nto, ikakhulukazi njengoba sekunukeka amabutho. Asikwamukeli ukuthi abaholi abakuleli zinga benze ukuganga okunje. Noma ngabe bebephambene kanjani bekufanele bahloniphane, benzele iSilo.
“Mina angikaze ngikubone ukuthi uma osopolitiki bengcofana, bese bephucana umbhobho. Ngazi ukuthi omunye uyamlinda aze aqede, bese eyamphendula. Kwakha siphi isithombe lokhu okwenziwe uDuma kokuthi aphuce uNdunankulu kaZulu umbhobho,” kuphawula uXulu.
Isolezwe lizame ukukhuluma noButhelezi, kodwa wacela ukuba kukhulunywe noChiliza.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe uDuma usekukhombise kaningi ukuthi akamamukeli uButhelezi njengoNdunankulu kaZulu.
UHlengwa utshele abeNewzroom Afrika ukuthi sekukaningi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bubukela phansi iSilo.
Uthe abazi ukuthi uButhelezi wayefuna ukuthini ngesikhathi ephucwa umbhobho.
“Simthintile uButhelezi sifuna ukumbuza ngale nto. Besikhathazwa ukuthi sekuthinteka igama le-IFP. Usitshele ukuthi lokhu abefuna ukukusho ubengunyaziwe iSilo.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaDuma ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, ekazange awuphendule nombuzo awuthunyelwe.
NgeSonto uDuma utshele abeNewzroom Afrika ukuthi uButhelezi wayengekho ohlelweni lwangoMgqibelo.
Uthe isikhundla sikaNdunankulu kaZulu asikho kuMthethosisekelo.
Usole uButhelezi ngokusebenzisa isikhundla sakhe ukulwa izimpi zepolitiki.