UMKHONTO weSizwe (MK) uthi kungenzeka kuqathake abanye abaningi njengoba ulwandle izolo, lukhafule ongumdidiyeli wayo wesikhashana KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Ngidi.
UNgidi udilizwa esikhaleni nje, kuthangi lokhu kade emele i-MK emcimbini we-IEC lapho amaqembu abeyofunga khona ngokuziphatha kahle ngesikhathi sokhetho. Umcimbi ubuseThekwini e-ICC, lapho wonke amaqembu abegqishe khona. Ukhetho oluzoba ngoMeyi 29, nonyaka
UMkhonto weSizwe lona ongundabuzekwayo, wethulwa owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma ngoDisemba nyakenye, wathi usehamba nawo. UZuma walibeka ngembaba elokuthi akasayingeni eye-ANC.
UZuma kumanje uphezulu ohlwini lwabaya ePhalamende emuva kokwehliswa kukaMnuz Jabulani Khumalo owabhalisa iqembu. I-MK isasebenza ngezinhlaka zesikhashana njengoba ingakayihlalisi ingqungquthela yokukhetha ubuholi bayo.
UNgidi, ophezulu ohlwini lwe-MK lwabaya esiShayamthetho e-KZN, udiliziwe esikhundleni sokuba wumholi wesikhashana esifundazweni. Isolezwe liyibonile incwadi ebhalelwe uNgidi imaziswa ngokuhoxiswa kwakhe ebikhomba uMsombuluko ka-Ephreli 14.
Ebuzwa ngalokhu izolo, uNgidi uthe uyitholile impela incwadi kodwa ubesamangele ngokukhishwa kwakhe isigubhukane engazi nokuthi woneni.
“Ngifana nawe nje nami njengoba ubuza, nami angazi kungaba kuhle nithinte lona iqembu lichaze kahle. Akukho nobekusolisa nje, kunalokho bebehlala bencoma bethi i-KZN iza kahle kakhulu iyasebenza,’’ kusho uNgidi obezwakala engenakutatazela.
UNgidi ungomunye wabahlonishwayo kwezokuphatha kuhulumeni njengoba eke waba wumqondisi-Jikelele wesifundazwe i-KZN.
Okhulumela uMkhonto weSizwe, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe umsebenzi wangaphakathi uyaqhubeka futhi kufanele kulindelwe noma yini.
“Ibambezelekile incwadi kaNgidi, bekufanele ifike ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuthi kuyofungwa kwi-IEC. Kunezinhlelo eziningi zokulungisa izinhlaka zeqembu futhi kungenzeka noma yini nakulo uhlu lwaseSishayamthetho,’’ kubeka uNdhlela.
UNdlela akazange aphume nesizathu esiqondile sokuthi yini le eholele ekutheni kuchithwe uNgidi. Uthe basezinhlelweni zokubheka kabanzi ukusebenza kweqembu babuyekeze nezinye izinqumo zabo ngezikhundla zobuholi. UNgidi udilizwa nje, kade kusanda kuchithwa uMnuz Bonginkosi Khanyile obehola intsha kuzwelonke.
UMkhonto weSizwe awufunanga nokuthi kuze kulalwe isikhundla sikaNgidi singenamuntu, wamemezela igama likaMnuz Thobani Zuma ekubeni umgqugquzeli.
UZuma ubeyisethenjwa se-ANC eyake yamjuba kwesephini likameya kuMasipala uMsunduzi, eMgungundlovu. Esikhundleni ebesiphethwe uNgidi sokuba umdidiyeli kungene uMnuz Siphiwe Muziwenkosi Mpungose.