NJENGOBA ukuqala kwezivivinyo zika-matric sekuseMome abafundi abaningi sebehlala bebheke izincwadi zabo ukuze baqinisekise ukuthi bathola imiphumela emihle.
Ongoti bezempilo bathi ngalesi sikhathi abanye abafundi bahlaselwa ukhwantalala ngenxa yengcindezi ababa nayo.
Izivivinyo zika-matric ziqala ngo-Okthoba 31 ziphele ngoDisemba 9.
UNksz Kanyisa Diamond wophiko lwezemfundo kwa-Old Mutual, uthe ngalesi sikhathi abafundi kumele benze isiqiniseko sokuthi bakulungele ukubhekana nezivivinyo, ngokomoya nangokomzimba.
"Usizo luhlale lukhona, abafundi abadinga usizo kumele basithinte noma bathinte izinhlangano esisebenzisana nazo okuyiCentre for Mental Wellness and Leadership (CMWL) neSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag).
UNkk Nomfundo Mogapi weCMWL, uthe uma abafundi befuna ukunqoba ukhwantalala ngalesi sikhathi kumele babheke ukuthi yini abayenzayo ebadalela ukhwantalala abangayishintsha.
Uthe ukungalali ngenye yezinto eyenza ukuthi umzimba ukhandleke okungagcina kuholele ekutheni umfundi abe nenkinga angabe esakwazi ukubhala kahle ngoba usuke ezela ngenxa yokungalali.
"Ukungadli ngendlela nokugqolozela izincwadi ungabe usanyakaza kunomthelela ongemuhle. Umfundi akazame ukulala amahora okungenani ayisishiyagalombili ukuze umzimba uphumule ngokwenele. Athathe ikhefu anyakazise umzimba bese ebuyela ezincwadini zakhe," kweluleka uNkk Mogapi.
Uqhube wathi abafundi kumele baqaphele ukuthi badla ukudla okudingwa umzimba wabo ukuze babe nomdlandla.
Okunye ukudla abafundi abangakudla ilayisi elinsundu, i-oats, ibran, ubhontshisi, u-peas, imifino, amakinati, utamatisi, ucucumber nezithelo.
I-website yeSadag, ithi uma umfundi ezizwa enovalo olukahle hhayi olungaphezu kwamandla lokho kuyinto enhle ngoba lwenza ukuthi umuntu azimisele, afundele ukuthi akhumbule konke akufundile kodwa uma kuze kwaba ngaphezu kwamandla umfundi ugcina engasakwazi ukubuyekeza umsebenzi wakhe.
"Vele kumele uphatheke kabi uma ufika ephepheni wabona ukuthi awenzanga ngendlela obuyifisa. Akumele ngaphezu kwalokho ube usuba neminye imicabango ethi abantu bazocabangani ngawe uma bezwa ukuthi wenze kanjani kodwa iba nemicabango ebuka isimo ngendlela eyiyo nokuthi uzobhekana kanjani nesimo sakho uma sekuphuma imiphumela," kusho i-website.
Iqhuba ithi umfundi kumele azame ukuba nomuntu akhuluma naye okungaba omunye uzakwabo noma uthisha.
" Abanye abafundi bayabhema baphuze ukuze behlise uvalo nokwesaba. Kungenzeka lokho kusebenze okwesikhashana kodwa kuyenzeka kugcine sekunomphumela ongemuhle wokukhohlwa uma sekumele babhale okudala ukhwantalala olungaphezulu kwalolu ebebenalo," kubhalwe ku-website.