SIBONDWE sayekwa ebuholini bophiko lwabesifazane lwe-ANC KwaZulu-Natal nobuholi bukazwelonke balolu phiko, emuva kokuqokwa kwethimba lesikhashana ukwengamela izinto esifundazweni. Ubuholi obusanda kukhethwa buthi buyaqhubeka nomsebenzi waso.
Uphiko lukazwelonke lwakhipha umyalelo wokumisa uhlaka olusanda kukhethwa lwesifundazwe, lwaqoka omunye wabaholi owakhala ngaphansi engqungqutheleni, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ukubamba ubuholi. UNkk Sithole-Moloi wahlulwa nguNkk Nonhlanhla Khoza okhethweni lwesifundazwe.
Isitatimende esikhishwe wubuholi obuhlakaziwe, unobhala wabo okunguNkk Zama Sokhabase, uthe badumele ngesinqumo esithathwe wubuholi bukazwelonke njengoba kuqokwe abantu abachithwa ngamagatsha engqungqutheleni.
UNkk Sokhabase uthe lesi sinyathelo sishiya imibuzo eminingi ngezinhloso zobuholi bukazwelonke.
“Ubuholi bukazwelonke bunezelele oqhekekweni olukhona esifundazweni, ekubeni ngabe buxazulula izinkinga ezikhona. Singabantu abakhethwa sizoqhubeka nokwenza umsebenzi esakhethelwa wona engqungqutheleni yesithupha yesifundazwe,” kusho uNkk Sokhabase.
Uthe imibono yamalungu kumele ihlonishwe ngaso sonke isikhathi.
“Sifake isimangalo esigungwini esiphezulu sikaKhongolose, ngokuthathwa njengento engekho kwemiphumela yengqungquthela,
Siqale nezinhlelo zomthetho ukuphikisa imizamo yobuholi bukazwelonke bokusisabisa.”
Uthe njengoba besalinde izimpendulo zomthetho kanjalo neze-ANC, basewuhlaka olusemthethweni esifundazweni.
Uthe ingqungquthela yakhetha oNkk Mbali Frazer ukuba yiphini likasihlalo, Fikile Masiko, iphini likanobhala jikelele noMatozi Khuzwayo-Dlamini, kwesomgcinimafa.
Amalungu esigungu sesifundazwe oSibongile Khathi, Fikile Khumalo, Hlengiwe Mavimbela, Sunshine Myende, Mbali Cele-Luthuli, Maureen Ngubane, Malindi Mhlongo, Kheleka Hadebe, Sibongile Mdakane, Ncamisile Qwabe, Nomalanga Ngwenya, Slindile Ngcobo, Nomusa Mthalane, Thuleleni Khanyase, Slindile Mkhize, Ntombi Ngubane, Thobekile Nzimande, Ntombizonke Phoswa, Zandile Mhlongo noThokozile Hlabisa.
Imizamo yokuthola uNobhala jikelele wophiko lukazwelonke lwe-ANCWL uNksz Nokuthula Nqaba, kayiphumelelanga.
Abanye abaholi abasethimbeni lesikhashana esifundazweni uNondumiso Cele, Matho Shozi, Sindi Msomi noPhumzile Cele.