NKOSIKHONA CELE
LIZOQULWA ngonyaka ozayo icala likathishanhloko osolwa ngokubandakanyeka ecaleni lokubulawa kwephoyisa loMkhandlu weTheku, uCaptain Thomas Zwelakhe Ntombela.
UMnuz Sithembiso Justice Khumalo ungomunye wabamangalelwa kuleli cala okusanda kutholwa unkosikazi kamufi, uNkk Faith Ntombela, enecala lokuba ungqondongqondo walo.
Umufi wadutshulwa wabulawa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza, ngoMeyi 3. Waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwafike kwamenela khona.
NgoLwesihlanu, uKhumalo ubekade evelile eNkantolo eNkulu yaseThekwini. Kuzokhumbuleka ukuthi ungaphandle ngebheyili ayithola ngoDisemba, ngonyaka owedlule.
UKhumalo unguthishanhloko wesikole saKwaMaphumulo, iMpumlwane Primary.
Kuleli cala umelwe wuqweqwe lommeli u-Advocate Mdu Mvune.
Namanje uKhumalo usamile kwelokuthi umane uyasukelwa nje, ubhecwa ngobende inyama engayidlanga.
Kwathi uma uFaith egonyuluka elivuma icala yena waqhubeka nokuliphika.
Ukugonyuluka kukaFaith ayekwenza eNkantolo eNkulu yaseScottburgh, kwakumninda kabi uKhumalo.
Kukhona lapho aveza khona ukuthi uKhumalo wayemlekelela ngalo lonke itulo kusuka ekuqaleni.
Waveza nokuthi uKhumalo wayekhona futhi nangesikhathi bezama itulo lokugudluza umufi ngobuthi kodwa kwagcina kungenzekanga lokho.
Waveza nokuthi inkabi esejele yiyona eyamhlanganisa noKhumalo.
Ngaphambilini, kukhona lapho ijaji elaxwayisa khona uKhumalo ngokuthi makahlukane nokusabisa uSipho Ntombela oyinkabi eyadubula yabulala umufi. USipho Ntombela wagwetshwa ngaleli cala ngemuva kokuba egonyulukile naye.
Inkantolo inqume ukuthi icala likaKhumalo liqale ukuqulwa kusukela ngo-Ephreli 14 kuze kube nguMeyi 16 ngonyaka ozayo.
Umfowabo kamufi, uMnuz Nkosinathi Ntombela, uthe bajabule ngokuthi selizoqala ukuqulwa necala likathishanhloko.
"Okuyikhona okumqoka kakhulu kithina ukubona begwetshwa bonke abathintekayo kuleli cala,'' usho kanjena.