LIZOLALELWA ngoFebhuwari ngonyaka ozayo, eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, udaba lombango wobukhosi baKwaNodunga, KwaDukuza.
Lokhu kuza emva kokufakwa ngokusemthethweni kwamaphepha enkantolo, Isolezwe eliwabonile, aqukethe yonke imininingwane ngombango walesi sihlalo.
UMntwana uMlungisi Zulu, ofake udaba enkantolo, uthe akasakwazi ukulinda ukuthi lolu daba lungene enkantolo.
Uthe usejahe ukuthi kwenzeke ubulungiswa, ubukhosi bubuyele ezandleni ezifanele.
“Ngiyafisa ukuthi umthetho uklame indima yawo kulolu daba ngakho konke okwenzeka okungahambanga kahle, kumele kulungisiwe ngoba yimi engiyinkosana kababa okwakumele iqokwe. Isihlalo asibuyele ezandleni ezifanele,” kusho uZulu.
Elandisa ngokwenzeka, uthe uyise omzalayo, inkosi Goodwill Qedisono Zulu, yashona ngoDisemba 17, 2016, kwalindeleka ukuthi kube wuye owayezothatha izintambo.
“Ngathi ngibona, kwakuqhamuka umfowethu (Nkanyiso Zulu), egadwe onogada nosomatekisi ababephethe izinhlokohlela zezibhamu, kwathiwa wuye ogaqele isihlalo,” kusho uZulu.
Uthe kwavumbuka incwadi eyayingasayiniwe futhi ingena-date, kwathiwa yabhalwa wuyise okhotheme, ithi umfowabo uNkanyiso ngozothatha izintambo.
“Ngesikhathi ngizama ukulandelela udaba, kwavela ukuthi incwadi yayinkonkoshelwe. Nakuba okuningi kwakungivuna njengenkosana futhi nobaba ayesengifundise wonke umsebenzi wesihlalo, kodwa angiphumelelanga,” kusho uZulu.
Uthe kuningi okwavela, phakathi kwakho kwaba ukuthi umfowabo ukhiphe intshontsho, wagwazela izikhulu zikahulumeni ukuze kube wuye oqokwayo.
“Ngenxa yokwesabela impilo yami, nabasondelene nami bangexwayisa ngokuthi kuyingozi ukulusukumela ngaleso sikhathi lolu daba njengoba wayesezungezwe abantu abayingozi,” kusho uZulu.
Uthe esinye isizathu esenza ukuthi kweluleke isikhathi engalusukumeli udaba ukuthi kwakufuneka ahlanganise izindodla zemali yokululwa ngezinkantolo.
Echaza ngokuzaleka kwenkosi esesihlalweni njengamanje, uthe bazalwa ubaba oyedwa, komama abehlukene, kanti wuye ongowokuqala kuyise.
Kuthintwa inkosi, uNkanyiso Zulu ukuthi iphawule, ikhale ngokuthi isemhlanganweni, maqede yalivala ucingo.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ugcine ungayiphendulanga imibuzo othunyelwe yona ngodaba.