INKOSIKAZI yenduna edonsa udilikajele, ngokubulala usihlalo wegatsha le-ANC, izihlangulile ekutheni iyona eyagwazela amaphoyisa imali enguR120 000 ukuze asule icala elagcina ligojele umyeni wakhe.
UNkk Sibongile Ndlovu ubephicwa ngemibuzo wuqweqwe lomshushisi, u-Advocate Lawrence Gcaba, eNkantolo yeMantshi yasePinetown izolo.
Ungummangalelwa wesibili ecaleni lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nelenkohlakalo yokufumbathiswa kwamaphoyisa amabili angabamangalelwa, uLieutenant Colonel Khephu Ndlovu noKapteni Bonginkosi Dlamini woKlebe.
UMbuso uthi la maphoyisa afumbathiswa uR120 000 owawukhishwe ebhange wuNkk Ndlovu ngomyalelo womyeni wakhe, uFelokwakhe Ndlovu, owayesatokile ngaleso sikhathi ukuze kulahleke ubufakazi ecaleni lokubulawa kukaThulani Nxumalo owayengusihlalo we-ANC KwaNdengezi.
UFelokwakhe ugwetshwe udilikajele ngoMeyi nonyaka ecaleni lokubulala uNxumalo ayeyisihlobo sakhe.
Kusolakala ukuthi uR120 000 wamukelwa amaphoyisa endaweni epaka izimoto ezize esiteshini samaphoyisa, iDurban Central.
UDlamini nalaba abashadile bancishwa ibheyili. Bavele enkantolo nendodana yabo, uMnuz Lindokuhle Ndlovu, noKhephu abangaphandle ngebheyili.
UGcaba utshele uNkk Ndlovu ukuthi wakhipha uR120 000 kwi-akhawunti yasebhange yomyeni wakhe kunguLwesine ayezowunika uNdlovu noDlamini eyalelwe ngumyeni wakhe esejele.
“Imali ngayikhipha ngoba ngifuna ukwenza izidingo zasekhaya. Kwakungeyona eyokugwaza ukuze kusulwe icala. Ngaya kuNdlovu ukuze angicebise ngoba ngangifuna ukuthenga itekisi, iQuantum, sase sixoxa nangomcimbi womembeso owazuzoba sekhweni lakhe,” kuchaza uNkk Ndlovu obezihlangula aze abize uGcaba ngobaba.
UGcaba ukuphikisile lokhu, wathi uNkk Ndlovu waya emhlanganweni wokuhanjiswa kwemali emaphoyiseni ekhashwa ngabesilisa ababili ababize ngomkhulu noMpofu okwakuyizethenjwa zalo mndeni ezazizoqinisekisa ukuthi uhlelo luba yimpumelelo.
Bekukhona izihlobo zabamangalelwa enkantolo. UFelokwakhe uyisihlobo segazi nephoyisa uNdlovu. Kusolwa ukuthi UDlamini, owayephenya icala lokufa kukaNxumalo, wagcina esusiwe kulona.
UNkk Ndlovu uthe akasiboni isidingo sokuqambela inkantolo amanga esehlale isikhathi eside kangaka ejele.
ULindokuhle, ongumshana kaKhephu, kuleli cala ungena ngokuthi uMbuso uyasola ukuthi nguyena owafihla isibhamu okwabulawa ngaso uNxumalo.
IMantshi uMuntukayise Khumalo ilihlehlisele uSepthemba 26 icala ukuze kuqhutshekwe nokuqulwa kwalo.