SITHOLWE silenga esitokisini ejele eWestville ngoMgqibelo, isidumbu sephoyisa ebelibhekene namacala okubulawa kwabesifazane ababili okuthiwa babeyizintombi zalo.
UConstable Mlungisi Blessing Sikhakhane (27) ubetoke emva kokuthi eboshwe ngo-Okthoba nonyaka, ngamacala amabili abesolwa ngawo, okubulala uNksz Enhle Majola noNksz Sithembile Ngobese okuthiwa izidumbu zabo zatholwa zidindilize endlini yakhe, KwaNyuswa.
USikhakhane ugcine ukuvela eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngeledlule, emva kokuthi phambilini elaxazwe ummeli wakhe owavele waphuma wahamba enkantolo.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo KwaZulu-Natal uMnuz Thulani Mdluli usiqinisekisile isigameko.
“Isiboshwa sitholwe silenga eselini yaso esitokisini esiseWestville. Kuqalwe uphenyo lwangaphakathi kwabikwa emaphoyiseni nakwi-Judiciary Inspectorate For Correctional Services,” kusho uMdluli.