LIGWETSHWE iminyaka engu-30 lidonsa ejele yiNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ibhungu elilahlwe amacala; elokubamba inkunzi, ukuzama ukubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
UKwazi Innocent Radebe (20) ugixabezwe ngalesi sigwebo emva kokulahlwa yilawa macala okuthiwa wawenza ngoMashi 2021, eNanda, okusolakala ukuthi wayehambisana nommangalelwa ayeboshwe naye uMnuz Mnqobi Ndumiso Mngadi (27) oshone ngesikhathi kusaqhubeka ukuqulwa kwecala.
Kuthiwa uRadebe nayehamba naye, bahlasela umgilwa ona-26 owayezihambela emgwaqweni eqeda kuqathazwa yimoto yasemsebenzini wakhe eyayimlethile.
Kuvele ukuthi ngesikhathi ehla, laba babehleli emotweni ethile eyayimi kulo mgwaqo ayezohamba kuwo. Kuthiwa bamkhomba ngesibhamu, bathatha umholo wakhe onguR3 000, isikhwama esasinezimpahla zokusebenza, iselula namateki. URadebe okuthiwa wayephethe isibhamu wadubula umgilwa owalimala kanzima umgogodla.
Laba kuthiwa badlulela enxanxatheleni yezitolo iDube Village, lapho bafika khona bashaya abathengi ababephuma kwesinye sezitolo. Ngesikhathi kufika amaphoyisa ezama ukunqanda uRadebe nahamba naye okuthiwa basebevuke indlobane, wadubula wabhekisa ngakuwo, namaphoyisa aphendula ngendlela efanayo. Walimala waphuthunyisa emtholampilo oseduze, kwathi owayehamba naye wakwazi ukudlubulundela abeleke.
Kwatholakala kuyena iselula kamgilwa, wabe eseboshwa. Ngesikhathi umshushisi kuleli cala, uKaystree Ramsamujh ehola ubufakazi, umgilwa waveza ukuthi ukulimala ngesikhathi ebanjwa inkunzi akukavumi ukuphola futhi usathuka izanya uma ephuma emsebenzini eya ekhaya.
Emva kokucutshungulwa kobufakazi obunekelwe inkantolo, imgwebe iminyaka ewu-15 ngecala lokubamba inkunzi, emihlanu kwelokuzama ukubulala, ewu-10 kwelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nonyaka kwelokutholakala nezinhlamvu. Isigwebo sakhe uzosidonsa kanye kanye.
Inkantolo iphinde yamephuca ilungelo lokuphatha isibhamu.
OKhulumela uphiko lwezokuShushiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe bayasemukela lesi sigwebo.
“Sincoma ukusebenzisana okuhle phakathi kophiko lwezokuShushiswa koMphakathi namaphoyisa. Abantu bakuleli bahleze bekhalela ukuthi abantu abenza njengommangalelwa baboshwe baphinde bashushiswe ngempumelelo. Uhlelo lwe-National Development Plan 2030 lukhuluma ngokuphepha komphakathi ngakho lokhu kuwukusabela ekhelweni lalolu hlelo,” usho kanje.